IBafana Bafana

IBafana igcine iyigobile iLesotho ebeyinenkani yexoxo

SIHLE NGUBO 

INingizimu Afrika inyukele esicongweni kuGroup C kulandela ukushaya iLesotho ngo 2-0 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesihlanu.

IBafana Bafana ibidinga ukunqoba lo mdlalo ukuze kube iyona eshaya amaphiko kuleli qoqo ngaphambi kokubhekana neBennin emdlalweni olandelayo.

Isiwombe sokuqala sonke besiphethwe yiBafana Bafana kanti iLesotho ibihleli emuva.

Lokhu kuphatha umdlalo kweBafana bekungatheli izithelo ezinhle ngoba ibingawakhi amathuba acacile okushaya amagoli.

Zibe khona izikhathi lapho abadlali abafana noRelebohile Mofokeng, uJaden Adams noLyle Foster, bethole khona amathuba okushaya amagoli kodwa lagcina linqabile ukuqabula inethi.

Ngasohlangothini lukanozinti nokaputeni weBafana, uRonwen Williams, ubeseholidini sonke isiwombe sokuqala esiphele kungu 0-0.

Ngesiwombe sesibili iBafana ibuye seyivutha ibuza ukuthi ukhona yini ezintini unozinti weDikwena.

Nokho lo nozinti ukhombise ukuthi uphapheme evimba amabhola kaFoster Mofokeng ngokulandelana.

Kugcine kulungile kwiBafana ngomzuzu ka-60 uMofokeng elibeka phakathi ngemuva kokudlala kahle kuka-Elias Mokwana, othwale amadoda esuka kude.

Ibuyile futhi iBafana ngomzuzu ka-64 walibeka phakathi u-Adams kwacaca ukuthi asevulekile amasango.

Belingangena elesithathu ekugcineni kodwa uPercy Tau wakha amabhilidi esebhekene nonozinti.

No-Iqraam Rayners, ongene esuka ebhentshini, wenze okufanayo elikhuza phezulu esebhekene ngqo nepali.

IBafana beyiqala ukunqoba umdlalo bese ingalidedeli igoli kule midlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.