IBafana Bafana

OwePirates wesese ngendlela aqhuba ngayo kwiBafana Bafana 

SIHLE NGUBO 

Ushaye into ecokeme kungokokuqala eqala umdlalo kwiBafana Bafana, uRelebohile Mofokeng, ngesikhathi iqembu lakuleli liqumba phansi iLesotho ngo 2-0 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesihlanu.

Lo mdlali we-Orlando Pirates uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo lapho iNingizimu Afrika ibuye namaphuzu amathathu abalulekile, ayibeke esicongweni kuGroup C ngamaphuzu ayishumi.

UMofokeng ube nomdlalo omuhle kakhulu futhi uyena okhahlelele ipali kaningi kunabo bonke abadlali beBafana.

Lokhu kube nomphumela omuhle njengoba eshaye igoli lokuqala ngomzuzu ka-60 kulandela ukudlala kahle kuka-Elias Mokwana othwale amadoda esuka kude.

Lo mdlali uzwakalise ukujabula kakhulu ngakwenzele izwe lakhe kulo mdlalo.

“Ngijabule ngokuqala umdlalo nokushaya igoli. Bengilokhu ngiziqeqesha ngokuzikhandla,” kusho uMofokeng ngemuva komdlalo.

“Ngesese kakhulu ngoba lokhu kuchaza ukuthi ngilenzela kahle izwe lami. 

“Abadlali abadala eqenjini bayangikhuthaza ukuthi ngenze kahle ngiphinde ngizame ukushaya amagoli uma ngithola ithuba.”

UMofokeng ubesedlala umdlalo wakhe wesithupha egqoke imibala yeBafana kodwa kwemihlanu edlule ubengena esuka ebhentshini.

Omunye umdlali oshaye igoli lakhe lokuqala kwiBafana uJaden Adams weMamelodi Sundowns.

Naye lo mdlali uwuqalile umdlalo futhi udlale kahle kakhulu esiswini ebambisene noPercy Tau, ongabanga nomdlalo omuhle neze.

IBafana isethubeni lokuqinisa indawo esicongweni uma seyitholana phezulu neBennin emdlalweni olandelayo wokuhlunga ngoLwesibili.

IBennin ilahle amaphuzu ibambana neZimbabwe ngo 2-2 ngoLwesine, yize ike yahamba phambili ngo 2-0. Isendaweni yesibili ngamaphuzu ayishiyagalombili.