EzakamuvaIbhola

Iqembu lePSL libabaza amagalelo namava omqeqeshi elimxoshile

SIHLE NGUBO 

I-SuperSport United incoma amagalelo omqeqeshi uGavin Hunt eqinisekise ukuthi imkhombe eza ngayo ngoLwesihlanu ekuseni.

Impempe ibisivele ibhalile ngoLwesine ukuthi ibhantshi seligcwale umoya kulo mqeqeshi oke wajica iKaizer Chiefs, yiBidvest Wits neChippa United, phakathi kwamanye amaqembu.

UHunt ubesebuya ihlandla lesibili kuMatsatsantsa a Pitori anqobe nawo isicoco seligi kathathu kulandelana ehlandleni lokuqala.

Kwelesibili, lapho ehlale khona amasizini amabili nohhafu, uqede endaweni yesithathu ngesizini ka-2022/2023, kwathi ngeka-2023/2024 waqeda endaweni yesikhombisa.

“Ibhodi nabaphathi beqembu sebezwekalise ukubonga kakhulu kuHunt ngomsebenzi awenzile njengenhloko yabaqeqeshi,” kusho isitatimende esithunyelwe yiSuperSport.

“Siyakholwa ukuthi uGavin (Hunt) kukhulu asazokwenzela iNingizimu Afrika ne-Afrika, uma kubhekwa ulwazi olunzulu analo namava akhe.

“Sizohlale sinconcoza ngakwenzele iqembu neNingizimu Afrika kunobhutshuzwayo

“Simfisela okuhle kodwa uGavin kulokhu afisa ukukwenza ngomuso. U-Andre Arendse uzoba umqeqeshi obambe isikhashana elekelelwa umqeqeshi wonozinti uGrant Johnson njengephini lakhe.”

UHunt ungumqeqeshi wokugcina ukuxoshwa kwiBetway Premiership kule sizini. Ushiye iSuperSport isendaweni yesibili ukusuka emsileni kwilogi yePremieship.

Abaqeqeshi asebelahlekelwe imisebenzi kule sizini kwiBetway Premiership:

UDan Malesela (Marumo Gallants), uLehlohonolo Seema (Sekhukhune United), u-Eric Tinkler (Cape Town City), uMartin Pablo (AmaZulu FC), uMuhsin Ertugral (Cape Town City), uBrandon Truter (Richards Bay FC), uManqoba Mngqithi (Mamelodi Sundowns) Gavin Hunt (SuperSport United) noClinton Larsen (Magesi FC)