EzakamuvaIBafana Bafana

‘Uyayidinga nenhlanhla encane emidlalweni enjena,’ kusho uHugo Broos

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika ingene kwenkulu inkinga ihluleka ukushaya iZimbabwe emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu.

IBafana Bafana bekumele iwunqobe nakanjani lo mdlalo wokuhlunga kodwa iWarriors yala yaphetha, wagcina uphele ngo 0-0.

Iqembu lakuleli liwatholile amathuba okushaya amagoli kodwa ibhola lashaya ipali kabili.

Nonozinti weZimbabwe, uWashington Arubi, ubengafuni lutho ezintini njengoba ebevimba kwasani.

Okwenza izinto zibukeke sezibheda kwiBafana Bafana, ukuthi iBenin ishaye iRwanda ngo 1-0 yavula igebe lamaphuzu amabili esicongweni.

Konke lokhu sekuchaza ukuthi akusekho ezandleni zeNingizimu Afrika ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba.

Emdlalweni wokugcina iBafana Bafana izobhekana neRwanda ngoLwesibili, kanti nakanjani kumele inqobe kulowo mdlalo bese ithembe ukuthi iNigeria ishaya iBenin ngosuku olufanayo.

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uzwakalise ukuphoxeka kakhulu ngomphumela wangoLwesihlanu.

“Ngicabanga ukuthi sizame yonke into namuhla, asibanga nayo inhlanhla futhi,” kusho uBroos ngemuva komdlalo.

“Kuke kwaba nesikhathi lapho ibhola livinjwe emgqenj, elinye lashaya ipali.

“Uyayidinga nenhlanhla encane emidlalweni enjena kodwa besingenayo namuhla.”

IBafana Bafana ngabe ihlezi ngokukhululeka esicongweni ukube ayithathelwanga amaphuzu amathathu, kulandela ukudlalisa uTeboho Mokoena kungafanele ibhekene neLesotho ngoMashi nonyaka.

“Lokhu kudlala ngokulingana akukuhle. Nokuthike eminye imiphumela ayisivuni, kodwa singathini?

“Ngeke ngigxeke iqembu lami. Ngeke ngidinwe, ngiphoxekile nje kakhulu ukuthi asikwazanga ukushaya igoli ebesilidinga.”

Amagoli yinto okumele iwahlohle okwangempela iBafana Bafana uma isibhekene neRwanda ngoLwesibili, ukuze izibeke ethubeni lokuya kwiNdebe yoMhlaba, uma ivunwa eminye imiphumela.