EzakamuvaIBafana Bafana

IFifa igile iBafana Bafana iyiphuca amaphuzu amathathu

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika kuzomele iyinqobe nakanjani imidlalo emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba esele, ukuze izibekisele indawo kulo mqhudelwano e-USA ngonyaka ozayo.

Lokhu kulandela ukuthi iFifa iwathathile amaphuzu amathathu atholwa yiBafana Bafana ibhekene neLesotho emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.

Iqembu lesizwe lakuleli ladlalisa uTeboho Mokoena weMamelodi Sundowns enekhadi eliphuzi kulo mdlalo ngoMashi nonyaka.

EzikaHugo Broos zanqoba lo mdlalo ngo 2-0 kodwa ngemuva kwalokho kwavela ukuthi uMokoena kwakungamele adlale.

IFifa ithathe isinqumo sokuthi lo mdlalo awusabalwa nokuchaza ukuthathwa kwamaphuzu amathathu iBafana eyawathola kuwona, kanti ngokwalesi sinqumo seyishaywe ngo 3-0.

ISafa seyitshelwe ukuthi kumele ikhokhe inhlawulo elinganiselwa ku-R215 000 kwiFifa, kwathi uMokoena wanikwa isexwayiso.

Abathintekayo baziswe yikomiti eliqondisa ubugwegwe leFifa ngoMsombuluko.

Banikwe izinsuku eziyishumi ukuthi kube khona abakwenzayo ngalesi sinqumo uma befisa kanjalo.

Isinqumo sizoma kanjalo kodwa abathintekayo bavumelekile ukusiphikisa noma ukusidlulisela ekomitini leFifa eliqondene nalokho.

IBafana isalelwe imidlalo emibili kweyokuhlunga, ezoyidlala neZimbabwe neRwanda eNingizimu Afrika.

Izobhekana neZimbabwe ngoLwesihlanu eMoses Mabhida Stadium, bese itholane phezulu neRwanda ngo-Okthoba 13.

Izoya kule midlalo seyilingana ngamaphuzu angu-14 neBenin esendaweni yokuqala kwilogi kaGroup C ngenxa yomuhluko wamagoli.

NgoMsombuluko iBenin izobhekana neRwanda ekhaya, bese kuthi ngo-Okthoba izodlala neNigeria ekuhambeni.

INigeria yona isendaweni yesithathu ngamaphuzuangu-11 kwilogi kaGroup C.