Ezokusubatha

Uzototosa ugogo uTshangase onqobe iHarry Gwala Marathon 

SIHLE NGUBO 

Unefiso sokwenzela ugogo wakhe into enhle uSinethemba Tshangase onqobe iHarry Gwala District Marathon 42km, ebisuka eHighflats iyophelela eMzimkhulu ngeSonto ekuseni.

UNtshangase, oneminyaka engu-26 nodabuka khona eMzimkhulu, ukhale wemuka no-R60 000 ngokunqoba lo mjaho waminyaka yonke ngeSonto.

Uyaziwa lo mgijimi ukuthi ungumfana kagogo futhi uhlale efuna ukujabulisa yena ngakho konke akuzuzayo.

“Ngeke ngiqagule ukuthi ngizomenzelani (ugogo) kodwa kule mali engizoyithola bekuyisifiso sami ukuthi ngiyithole. Njengomuntu osemdala, ngiyethembisa ukuthi kukhona okuhle engizomenzela kona,” kusho uTshangase

“Bengifisa ukuthi abe khona lapha kodwa ngebhadi akaphilile akakwazanga ukuba khona. Kodwa ukhona nathi ngemithandazo.”

Unxenxe intsha yaseHarry Gwala namaphethelo ukuthi ingawazibi amakhono enawo kwezemidlalo.

“Engingakusho nje entsheni yaseMzimkhulu ukuthi uma bengazinikela kukho konke abakwenzayo, noma ngabe uhlobo luni lwezemidlalo, bangaphumelela,” kusho uTshangase.

 “Uma ubona ukuthi kukhona ikhono uNkulunkulu akuphe lona kumele ulithathe ithuba, usebenze kanzima.

“Kuyaphileka ngezemidlalo ngoba akuthina sonke esiyokwazi ukuthi siphumelele ngemfundo noma eminye imisebenzi ethile.

“Ezemidlalo ziyakwazi ukukulekelela ngendlela ekahle. Abeze kwezemidlalo basebenze kanzima bazimisele.”

Lo mgijimi uthe usebheke ukuyibamba kwiComrades Marathon ka-2025 nonyaka.

“Ngeke ngithembise okukhulu kakhulu kodwa ngifuna ukwenza kangcono kunendlela engenze ngayo ngokwedlule.

“Ngeke ngithi sengikulungele ukugijima kwiComrades kodwa sizohlala phansi nomqeqeshi silungise lapha nalaphaya.

“Mhlawumbe ukukulungela ngempela sengingabona uma kuphela le nyanga u-Ephreli, ukuthi umzimba uzizwa kanjani.”

Bekushisa kakhulu eMzimkhulu ngeSonto kodwa uTshangase ukhombisile ukuthi ulokhu ekhula ekusubatheni amabanga amade (42km).

“Umzila uhlale unzima awukho lula. Isimo sezulu besisihle kakhulu yize bekukhona ukushisa lokho.

“Akukho lapho kuphazamiseke khona, bekunzima kona kodwa umjaho ubumnamdi.

“Nanokuthi uma ugijima ngakini uhlezi kunalokho kugqugquzeleka ngoba usuke wazi ukuthi kunabantu abasuke bekulindile uma usushaya intambo.”