Lingase lisuse umsindo igoli elilahlekisele iSundowns ngamaphuzu
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns ilahle amaphuzu isiwaphethe ngesikhathi ibambana neMoroka Swallows ngo 2-2 emdlalweni weDStv Premiership eDobsonville Stadium, ngoMsombuluko ebusuku.
EzikaRulani Mokwena zike zahamba phambili ngo 2-0 kulo mdlalo kodwa zabuye zadedela iZinyoni ukuthi zibuye zithole amagoli amabili.
Umdlalo ubuqale kuyiSundowns ebizenzela kodwa iSwallows neyibukeka ineqhinga lokungavuli emuva.
Ukuvala emuva kweSwallows bekuphoqa iSundowns ukuthi izame ukukhahlela ikude.
Lokho kugcine kuthele izithelo ezinhle njengoba uTeboho Mokoena eshaye elihle igoli ngomzuzu ka-37 engaphandle kwebhokisi, walizwa ngendaba uDaniel Akpeyi.
Nokho ngemuva kokushaya lelo goli uMokoena ucele ukuphuma nokube sekuvela ukuthi ube nokudonseka umsipha kancane, ngesikhathi ekhahlela.
Kube sekungena uSipho Mbule endaweni yakhe, ibhande likakaputeni ladlulela kuRonwen Williams.
Ngesiwombe sesibili iSundowns ibuye nengcindezi efanayo uMarcelo Allende washaya igoli ngomzuzu ka-51.
Lokhu kuphoqe iSwallows ukuthi ixebuke emuva izame ukuhlasela. Nebala ilitholile igoli ngomzuzu ka-57, kanti libekwe phakathi ngu-Augustine Mahlonoko.
Kuthe sekubukeka sengathi iSundowns isiwusongile umdlalo uGabadinho Mhango washaya igoli ngomzuzu ka-86.
Umsizi kanompempe uqale waliphika leli goli ethi uMhango ubesendaweni engamfanele, kodwa unompempe wakushintsha lokho wathi yigoli.
Nakanjani leli goli lizokhulumisa kakhulu njengoba uMhango ubebukeka ephambili kunabadlali beSundowns kodwa ibhola lagcina liwele kuyena, walibeka phakathi.
Akungabazeki ukuthi leli phuzu elitholwe iZinyoni zizolijabulela kakhulu njengoba zizama ukubalakela izembe.
FUNDA NALA: IPirates ibhala iyacisha ngomdlali ogaqelwe yiSekhukhune
ISundowns izolibangisa eTunisia ngoLwesibili njengoba izodlala owandulela owamanqamu weCaf Champions League ne-Esperance ngempelasonto.