‘Sicisho sawulahla umdlalo namuhla,’ kusho uKolisi weSharks
SIHLE NGUBO
I-Hollywoodbets Sharks inyukele endaweni yesithathu kwilogi ngemuva kokushaya iZebre ngo 35-34 emdlalweni weVodacom United Rugby Championship, eKings Park Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ntambama.
Iqembu lasekhaya lenze amaphutha amaningi kulo mdlalo, nokumele liwalungise ukuya phambili.
ISharks iwuqale kahle umdlalo kucaca ukuthi ibifuna ukushaya i-try zisuka, ukuze icindeze izivakashi.
Lokho kugcine kuthele izithelo ezinhle ngesikhathi ukaputeni uSiyamthanda Kolisi eshaya i-try yokuqala ngomzuzu wesine.
Iqembu lasekhaya liphinde lacindezela emizuzwini elandelile. UJurenzo Julius ushaye i-try yesibili ngomzuzu ka-12.
Ngemuva kwalokho iSharks ivele yashona phansi kwangacaca ukuthi sewushone kuphi umfutho eqale ngawo.
Lokhu kwenze iZebre yabuyela emdlalweni, yashaya i-try ngomzuzu ka-14, kanti ize no-Alessandro Gesi.
Ziphinde zabuya izivakashi ngomzuzu ka-23 zashaya i-try yesibili eze noCiacamo Ferrari. Ngemuva kwalokho uMakazole Mapimpi uthole ikhadi eliphuzi iSharks yazithola idlala ingaphelele.
Kuleyo mizuzu eyishumi engaphandle uMapimpi iSharks ishaye ama-try amabili ngokushesha, yabuyela emdlalweni.
UKolisi ugijime ibanga elingamamitha angu-50 eyoshaya i-try yesithathu yeSharks ngomzuzu ka-31.
Ngomzuzu ka-36 uVincent Koch ushaye i-try eqinisekise iphuzu lebhonasi eqenjini lasekhaya. Ziye ekhefini kungu 28-17.
Ngesiwombe sesibili iSharks iphinde yabuya nobuthongo nokwenze uGerenimo Priscantelli washaya i-try ngomzuzu ka-46.
Ubuyile futhi uPriscantelli ngomzuzu ka-50 washaya enye i-try iSharks yazithola ilandela ngemuva sekungu 31-28.
IZebre iphinde yashaya iphenathi kwaba ngu 34-28 kwacaca ukuthi ingcindezi iseqenjini lasekhaya.
Ngomzuzu ka-75 u-Ethan Hooker wenze kwachwaza inkundla eshaya i-try ebuyisele iSharks emdlalweni kwaba ngu 35-34 ngemuva kwe-conversion.
“Sizenzele umsebenzi waba nzima namuhla. Besingakwazi ukukhahlela ibhola lisuke engxenyeni yethu,” kusho uKolisi obe umdlali ovelele ngemuva komdlalo.
“Bekumele sidlale kangcono. Sicisho sashaywa namuhla. Siyabonga kubantu baseKZN ngokuphuma ngobuningi babo.”