IBafana ingase iphucwe amaphuzu ewathole ishaya iLesotho
SIHLE NGUBO
IBafana Bafana ingase izithole iphucwa amaphuzu kulandela izinsolo zokuthi idlalise uTeboho Mokoena kungamele ngesikhathi ibhekene neLosotho ngoLwesihlanu.
Iqembu lakuleli linqobe lo mdlalo ngo 2-0 lanyukela esicongweni kuGroup C. Lokhu kulibeka ethubeni elihle lokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026.
Kuvela ukuthi uMokoena bekungamele adlale ngoba ubenamakhadi aphuzi abemvimbela ukungena enkundleni.
Lo mdlali wathola ikhadi eliphuzi iBafana ibhekene neBennin, waphinda walithola futhi ibhekene neZimbabwe.
Ngokwemithetho yeFifa uma umdlali ethole amakhadi aphuzi emidlalweni emibili ilandelana kumele angiwudlali umdlalo owodwa.
Lolu daba ludume kakhulu eNigeria eseqoqweni elifanayo neNingizimu Afrika. Uma iBafana ingaphucwa amaphuzu amathathu ingalimala kakhulu emizamweni yokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba.
Umbuzo omkhulu owokuthi ngabe abaqeqeshi beBafana neSafa bebengazi yini ukuthi uMokoena unamakhadi amabili aphuzi awatholile ngaphambi kokubhekana neLesotho.
INingizimu Afrika ike yangena ehlazweni ijabulela ukuthi isizibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) kanti akunjalo. Nalapho yaqhamuka imibuzo yokuthi kanti bona abayifundi yini imithetho yeCAF.
IBafana izobhekana neBennin emidlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoLwesibili ngo-6 ntambama. Akwaziwa ukuthi izobaphazamisa kanjani abadlali indaba yokuthi iqembu lingase liphucwe amaphuzu.

