IBetway Premiership

OweChiefs ubona belenzela phansi iqembu umbhede ukhona

SIHLE NGUBO 

Umdlali wasemuva kwesokunxele weKaizer Chiefs, u-Edmilson Dove, uvuma ukuthi balenzele phansi iqembu futhi behluleke ngamalengiso.

IChiefs iphinde yakhala ngaphansi ngo 2-1 kwiLamontville Golden Arrows emdlalweni weBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo.

Leli qembu liqale isizini linayo inhlansana yethemba ngemuva kokufika kukaNasreddine Nabi nethimba lakhe labaqeqeshi.

Nokho ngokuhamba kwesizini iqembu lizithole lingakwazi ukunqoba imidlalo ilandelana nokwenze ukuthi lihluleke lincama ukunyuka kwilogi yePremieship.

Emidlalweni engu-23 iChiefs isakwaze ukunqoba eyisishiyagalolunye kuphela nokwenza ukuthi inganyakazi endaweni yesishiyagalombili kwilogi.

UDove waseMozambique usanda kubuya ekulimaleni. Ufike wayivala kahle indawo ebisidlalwa uThatayone Dithlokwe oshiye iqembu ezinyangeni ezedlule.

“Ngicabanga ukuthi leli qembu lifanelwe ukuba le phezulu, ngakho sehlulekile,” kusho uDove esithangamini nabezindaba ngoLwesine.

“Leli akulona iqembu okumele lilwele iTop 8 noma iTop 4. Kufanele libe sesicongweni.

“Kodwa singakwazi ulawula lokhu esingakwazi ukukulawula kodwa amajita (abadlali) asebenza ngokuzikhandla.

“Esikudingayo ukubeka imiqondo yethu kulokhu esikwenzayo, singalilahli ithemba, sibe yimbumba bese siqhubeke sibheke phambili.”

Phambili iChiefs ilindwe yiTS Galaxy ezobhekana nayo ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-7 ebusuku.

Leli qembu lenza kahle kakhulu ngakho Amakhosi kuzomele azibambe ziqine.

Elinye ithemba leChiefs ukuthi isekhona kwiNedbank Cup ka-2025. Izobhekana neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu walo mqhudelwano.

Komunye umdlalo owandulela owamanqamu kuzobhekana i-Orlando Pirates neMarumo Gallants. IBucs iyona evikela iNedbank Cup.