IDowns ayineme ngokubhonywa kwabalandeli bayo koweCAF
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns ayijabulile ngokushaywa kwabanye babalandeli bayo ngesikhathi ibhekene ne-ES Tunis, emdlalweni we-quarterfinal yeCaf Champions League, eLoftus Stadium, ngoLwesibili.
Kulo mdlalo womlenze wokuqala iSundowns inqobe ngo 1-0 wegoli likaPeter Shalulile.
Nokho kugcine kusabalala amavidiyo (ezinkundleni zokuxhumana) lapho abalandeli bala maqembu bebedelisana ngamavelemane khona enkundleni, kwaze kwalimala abaningi.
Esitatimendeni esikhishwe yiqembu lasePitoli lizwakalise ukungenami ngokwenzeke eLoftus Stadium.
“IMamelodi Sundowns iphathele kabuhlungu ngokungaziphathi kahle okukhonjiswe ngo-Ephreli 1, lapho beyibhekene ne-Esperance de Tunis emdlalweni we-quarterfinal yeCaf Champions League, eLoftus Stadium,” kusho isitatimende.
“Amavidiyo agcwele ezinkundleni zokuxhumana akhombisa ukulimala kwenkundla, nabalandeli beMamelodi Sundowns bezama ukubalekela udlame nokushaywa okwakubhekiswe kubona.
“Lokhu kumbandakanya ukukhanyiswa ngama-flares nama-pepper sprays ngesikhathi kuqala lesi sidubedube.
“ISundowns ilindele umbiko we-Match Commissioner futhi izimisele ngokusebenzisana neCAF ukuthi iqede uphenyo lwayo ngaphambi komdlalo womlenze wesibili.
“I-Espérance de Tunis yisikhungo sezemidlalo esihloniphekile e-Afrika ngakho uma ubufakazi sebubukisiswe abanewethu nabodade be-Esperance bazosigxela lesi senzo, bese bathathe izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi emdlalweni olandelayo abalandeli bazozizwa bephephile futhi bemukelekile.
“Siyethemba ukuthi uphenyo luzocacisa ukuthi kwaqala kuphi lokhu kungaziphathi kahle okungaka
“Nokho ukuhambisana nosiko lwethu lobu-Afrika noBuntu, kumele sixolise kwi-Esperance de Tunis nabalandeli bayo ngale ndlela yokuziphatha ngoba umdlalo wawusenkundleni yethu…
“Yize sinamavidiyo nobufakazi obubambekayo ukuthi abalandeli beSundowns akubona abaqala uthuthuva.”
Umdlalo womlenze wesibili useTunisia ngoLwesibili ngo-9 ebusuku. Akwaziwa noma abalandeli beSundowns bazoliphelezela yini iqembu labo ukuthi liyodlala umlenze wesebili ekuhambeni uma kubhekwa okwenzeka ePitoli.

