EzakamuvaIBetway Premiership

Ngabe iChiefs ‘izokhruza’ ngaphansi kukaDa Cruz waseFrance?

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs iqede ukuqagela ngokuthi ubani ozoyiqeqeqesha ngesizini ezayo, kulandela ukumemezela uFernando da Cruz njengomqeqeshi wayo omusha.

Lo mqeqeshi sekuqedwe konke naye njengoba esayine inkontileka yeminyaka emibili enombandela wokuyivusela ngonyaka, kusukela ngoJulayi 1 nonyaka.

U-Da Cruz uzalwa eFrance kanti uhlome nge-UEFA Pro Licence, okuyisitifiketi esiphezulu kakhulu ebholeni.

Uke wasebenza isikhashana neChiefs kulungiselelwa ukuqala kwesizini eminyakeni emibili edlule, ngaphambi kokujoyina iMoroccan Football Federation, lapho ebeyiTechnical Director kwaze kwaba uJuni.

Uzothatha izintambo ngokusemthethweni kuMakhosi ngoJulayi 1.

Uzofika nephini lakhe uMahmoud Abbas kanti kuvele ukuthi kuzokwengezwa ngephini lesibili uDillon Shepard, osebe kwiChiefs isikhathi eside.

U-Da Cruz usesebenze nakwamanye amazwe ngaphandle kwase-Europe.

Unqobe iBotola League yaseMorocco, ne-AS FAR nokwenza ahlonishwe ebholeni lase-Afrika.

“Ebhentshini uzojoyinwa yiphini uMahmoud Abbas. Lo mqeqeshi oneminyaka engu-35 wase-Egypt, unamava futhi uzokwengeza okukhulu ethimbeni labaqeqeshi,” kusho isitatimende seChiefs.

“I-sports science izophathwa nguJulien Heran, naye odabuka eFrance.”

Iqembu lizobuyela ekuziqeqesheni ngoLwesine (ngoJuni 18), lapho kuzobe kukhona iphini lomqeqeshi.

IChiefs izoya ekhempini maduze lapho bonke abaqeqeshi bezobona kahle abadlali benze isiqiniseko sokuthi bayilungele yini isizini ezayo.