EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Uswele isihlangu agiye uGavin Hunt egqema iChiefs ‘eyamhlaza’ 

By Sbongs Gumbi

Kuthe uma kuphela umdlalo uGavin Hunt washaya uphawu lokunquma ejabulela ukushaya iKaizer Chiefs eyamhlambaza ngesikhathi imxosha ngesizini edlule. 

UGavin Hunt uxoshwe kwiKaizer Chiefs sekusele amaviki ambalwa isizini isongwe, ngalesi sikhathi wayeseyifake kweyandulela owamanqamu kwiCaf Champions League.

Wabe eseya kwiChippa United, nakhona akangahlala isikhathi esitheni njengoba esebuyele kwiSuperSport United aseyiuyisele ekubeni yiqembu eliyingozi. 

Yize engakaze aphumele obala ngemizwa yakhe kulandela ukuxoshwa kwakhe, lo mqeqeshi kuyabonakala ukuthi unenxa naleli qembu laseNturena. 

Yingakho ke evele washaya lolu phawu oluvamise ukwenziwa ngumdlali weSekhukhune United u-Edwin Gymah ngemuva komdlalo. 

Okunye okuphawulekile ngokusho kwabebekulo mdlalo wukuthi uGavin Hunt akayanga ukuyoxhawula uzakwabo weChiefs u-Arthur Zwane ngaphambi nangemuva komdlalo. 

Kube sekuvela ukuthi lezi zinsizwa ziyinkukhu nembodla. Kuthiwa uGavin Hunt usola u-Arthur Zwane ngokumhamba ngemuva ngesikhathi bebonke kwiChiefs. 

Ekhuluma nabethelevishini ngemuva komdlalo, lo mqeqeshi waMatsatsantsa a Pitori uthe wonke umuntu uyakwazi okwenzeka kuye kwiChiefs. 

Ukhale ngokuhlambalazeka exoshwa esefake iqembu esigabeni semidlalo ayandulela owamanqamu kwiChampions League.

Uphinde wadlulela kwiTwitter la efake khona isithombe sakhe ngesikhathi ejabulela igoli abahlule ngalo Amakhosi. 

Ube esesiphelezela ngombhalo othi: “Akukaze kube mnandi kanje ukuqoqa amaphuzu amathathu. Ngiyabonga kuwo wonke umuntu ophumile wazoseseka namuhla.” 

Lezi zinkulumo zakhe zenze kwacaca ukuthi kungani ejabule kangaka uma eshaya iChiefs. Kusale khona ukuthi akanaso isihlangu, ubezogiya aqephuze. 

Igoli leSuperSport lishaywe uGampani Lungu ngemuva kwephutha elibi likanozinti weChiefs uBrandon Petersen.

Lo mphumela uqinisekise ukuthi iSuperSport izoyodlala emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo. 

Nokho sekuyocaca ngempelasonto ezayo ukuthi iya kwiChampions League noma kwiConfederation Cup. 

FUNDA NALA: URulani Mokwena: Sizizwa ngathi siwinile… kusamele sisebenze

Ibangisana ne-Orlando Pirates ekutholeni indawo kwiChampions League okuyiyo ehlonishwa kakhulu kule miqhudelwano. 

Njengamanje yiPirates esendaweni yeChampions League ngokwelogi yeDStv Premiership njengoba isendaweni yesibili nje.