Kuvela ‘amadimoni’ abhekene noKanu Vilakazi, azama ukuwalungisa
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi uVusumuzi “Kanu” Vilakazi ungumuntu onekhono lokuqeqesha kodwa unenkinga ehlale imphazamisa emsebenzini wakhe, emaqenjini ehlukene.
Lo mqeqeshi ushiye AmaZulu FC kungalindele muntu, waveza ukuthi kunezinkinga ezithinta yena afuna ukuzilungisa.
Uhlangane nabaphathi beqembu lapho kuvunyelwane khona ukuthi ashiye ukuze izinkinga zakhe zingachaphazeli umsebenzi wakhe.
Umengameli weqembu, uSandile Zungu, ukwamukele ukusula kwalo mqeqeshi okwenza kwasala u-Arthur Zwane yedwa ecija Usuthu.
“Utshele thina njengabaphathi boSuthu ukuthi ubhekene nezinkinga abona ukuthi ziphazamisa umsebenzi wakhe,” kusho uZungu ekhuluma noVictor Molefe woKhozi FM.
“Ucele ukudedelwa ahambe ukuze abhekane nalokhu ngqo, aphinde azame ukuba umuntu ongcono, neqembu lingaphazamiseki.
“Sibe nemihlangano sase sinquma ukusamukela isicelo sakhe sokusula. Ngakho simfisela okuhle kodwa njengoba ezobhekana namadimoni akhe ukuze abe ngcono.”
Umthombo weMpempe uyibhadlazile inkinga enkulu ebhekene nalo mqeqeshi owayedlalela iLamontville Golden Arrows.
“Inkinga kaKanu enkulu ukugembula. Wayenenkinga efanayo kwi-Arrows waphinda waba nale nkinga kuMaZulu,” kusho umthombo.
“Uzokhumbula ukuthi kwake kwavela ukuthi ukhokhisa abadlali ukuthi bathole isikimu, wayenzela ukuthi athole imali yokuyogembula.”
Ngaphandle kwe-Arrows naMaZulu uVilakazi useke wasebenza kwiChippa United neRichards Bay FC.
Useke wazivumela yena ukuthi unenkinga, ekhuluma kwiMetro FM ngemuva kokushaya Usuthu, yize engayichazanga inkinga yakhe.
“Uyabona ngezinye izikhathi senza sengathi siyakwazi ukubhekana nezimo, yikho nje sisemikhakheni ehlukene lapho abantu bengodokotela, ama-psychologists nabaqeqeshi bebhola,” kusho uKanu kwiMetro FM ezinyangeni ezedlule.
“Ngakho uma kumele ngenze izinto ngendlela efanele endaweni yomsebenzi kodwa lokho ngingakwenzi, kungcono ngishiye.
“Kodwa kungcono ngoba kukhona izinhlelo engizilandelayo njengamanje.”

