IChiefs ilahle amaphuzu ibambana neChilli Boys
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs ilahle amaphuzu abalulekile idlala ngokulingana ngo 0-0 neChippa United emdlalweni weBetway Premiership, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngoMgqibelo.
Leli qembu laseNaturena liyawadinga amaphuzu ukuze lingazitholi lihluleka ukungena kwiTop 8 njengoba kwenzekile ngesizini edlule.
Ukudlala ngokulingana kweChiefs kwenze yahlala endaweni yesishiyagalombili nokuyindawo engaphephile njengoba imidlalo seyiya ngasekupheleni.
Amakhosi kuzomele azame ukuqoqa amaphuzu amathathu uma esebhekene neMarumo Gallants ngesonto elizayo.
Esiwombeni sokuqala bekungacaci ukuthi umdlalo uya ngakuphi. Womabili amaqembu abeya phambili kodwa afike ahluleke ukwenza into ebonakalayo.
Ngasohlangothini lweChiefs umqeqeshi uNasreddine Nabi usheshe wakhombisa ukuthi akenelisekile enza ushintsho ekuqaleni kwesiwombe sesibili.
Ukhiphe uDillon Solomons noTashreeq Morris wafaka uNjabulo Blom noGlody Lilepo.
IChiefs ibukeke ingcono kakhulu emizuzwini yokuqala yesiwombe sesibili, ihlasela.
Ngasemizuzwini yokugcina womabili amaqembu abehlaselana kuvalwe amehlo. Nokho ligcine lalile ukungena igoli kwaphela kungu 0-0.