Ugxeka amaqembu ePSL ngetulo lokungayidayiseli iChiefs abadlali
Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uLifa Gqosha, usegxeke amaqembu ePremier Soccer League (PSL) ngokwenzela leli qembu laseNaturena itulo lokuqinisekisa alidayiselwa abadlali abasezingeni eliphezulu.
Yinto esikhulunywe iminyaka eminingi ezinkundleni zokuxhumana ukuthi amaqembu ePSL abizisa abadlali uma befunwa yiChiefs kodwa bagcine bethengwe amanye amaqembu ngemali encane.
Muva nje kuvele ukuthi iChiefs beyifuna u-Elias Mokwana kwiSekhukhune United, yatshelwa ukuthi kumele ikhokhe u-R17 million. Kudlule izinsukwana kwavela ukuthi usethengwe yi-ES Tunis yaseTunisia ngemali elinganiselwa ku-R10 million.
NakuVictor Letsoalo, owayedlalela iRoyal AM ngaleso sikhathi, kwavela ukuthi kwenzeka okufanayo wagcina engayanga eNaturena. Sekungumlando ukuthi waphelela kwiSekhukhune.
“Sizithola sisesimeni esinzima kakhulu lapho amaqembu alapha engafuni ukusebenzisana nelinye lamaqembu elidlala nawo,” kusho uGqosha kwiKickOff.
“Yisimo esingemnandi lapho wonke amaqembu asekhaya elwa nawe. Cabanga uzwa izindaba ezifana nokuthi u-Elias Mokwana ujoyine iqembu laseTunisia ngemali encane kunaleyo iChiefs ebeyimfuna ngayo kwiSekhukhune.
“Lokhu kuyaphazamisa futhi kubi nje kakhulu. Abadlali bethu kumele ngabe bashiya iligi yethu ukuyodlala e-Europe, hhayi kwenye iligi yase-Afrika.
“Kubukeka sengathi amaqembu akulungele manje ukuyisa abadlali bawo kunoma iyiphi iligi, engaphandle kwaseNingizimu Afrika ukugwema ukudayisela iChiefs, futhi lokho akulungile
“Ngenxa yokusayinisa uGaston Sirino abantu sebethi iChiefs yindawo yokugugela. Akube njalo ke. Mhlawumbe kungcono kunokuletha abantu abazobe bezele imali bafike bazithele ngabandayo.”
Kumasizini edlule uPapi Zothwane wabuyiswa yiLamontville Golden Arrows kwiChiefs, eseze wethulwa ngokusemthethweni njengomdlali wayo omusha. Wayesayine kuthiwa wayengasenayo inkontileka naBafana Bes’thende.
I-Arrows yaveza ukuthi wayesenenkontileka yonyaka naye yase ithi akabuyele kuyona. Namanje lo mdlali usakuphika ukuthi wayenenkontileka ne-Arrows ngesikhathi esayina kwiChiefs. Wagcina eye kwiMamelodi Sundowns kodwa wafika wangagqama.