CAF Champions League

IDowns neBucs bazinciphisele amathuba owamanqamu weChamps League 

SIHLE NGUBO 

Amaqembu aseNingizimu Afrika, iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, azifake enkingeni enkulu ehluleka ukunqoba imidlalo yemilenze yokuqala ekhaya, kweyandulela owamanqamu yeCAF Champions League.

Kuqale iSundowns yabambana ne-Al Ahly ngo 0-0 emdlalweni owandulela owamanqamu womlenze wokuqala eLoftus Stadium, ePitoli.

Abafana Ba’Style bazamile ukuthola igoli kulo mdlalo kodwa kwangavuma. Kuzoba nzima kakhulu uma sebebhekene ne-Al Ahly eCairo, e-Egypt emlenzeni wesibili.

IPirates nayo iye emdlalweni neFC Pyramids yazi kahle ukuthi okumele inqobe ukuze ingabi nengcindezi emlenzeni wesibili e-Egypt.

Kunalokho yiPyramids ecisho yaphuma enkundleni ijabule. Ishaye amagoli amabili agcine ephikiwe ngemuva kokubheka iVAR.

Indlela adlale ngayo ekhaya amaqembu akuleli, yenza lingabi khona ithemba lokuthi kukhona azobuya ngakho e-Egypt.

Isifiso esikhulu ukuthi umdlalo wamanqamu weChampions League udlalwe yiSundowns nePirates, nokungaqinisekisa ukuthi indebe isala eNingizimu Afrika.

Nokho kuzoba umqansa kakhulu ukuthi amaqembu akuleli ashaye amagoli ekuhambeni njengoba ehluleke ukwenza lokho ekhaya.