‘Bekungasifanele ukunqoba,’ kusho uNabi weChiefs
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi bekungabafanele ukunqoba ngesikhathi bebhekene neChippa United emdlalweni weBetway Premiership, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMgqibelo.
Amakhosi neChilli Boys babambane ngo 0-0 kulo mdlalo lapho womabili amaqembu engakhanga amathuba enele nacacile okushaya amagoli.
Ukudlala ngokulingana kweChiefs kwenze yahlala endaweni yesishiyagalombili kwilogi yePremieship.
Lokhu kumele kungamkhululi uNabi uma kubhekwa ukuthi iChiefs ihlulekile ukungena kwiTop 8 ngesizini edlule.
UNabi uthe isimo somqondo kubadlali bakhe besingesihle, nokuyinto ehlukile uma kuqhathaniswa nomdlalo abawudlale neMamelodi Sundowns.
“Ngicabanga ukuthi ukuthi bekungumdlalo onzima. Ukukhuluma iqiniso akusifanele ukunqoba lo mdlalo,” kusho uNabi kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Ukunqoba lo mdlalo kumele ube ngaphezulu uma kubangwa ibhola. Kumele ulungele yonke inselelo, kube uwena othola ibhola njalo.
“Ngicabanga ukuthi ngokomqondo besingawulungele umdlalo. Ukuze unqobe lo mdlalo kumele ulwe ngokungaphezulu kuka-100%.
“Namuhla ukube sinqobile bekuzoba akusifanele. Ngidinga omunye umqondo. Ngicabanga ukuthi namuhla iqembu lonke alidlalanga ngendlela ejwayelekile elihlale lidlala ngayo.”
Emdlalweni olandelayo weBetway Premiership iChiefs izobhekana neMarumo Gallants ngoMgqibelo, ngo-3 ntambama, eFNB Stadium.

