CAF Champions League

IPirates iphinde yashaya udaka kwesikaMaminzela

SIHLE NGUBO 

I-Orlando Pirates iphinde yahluleka ukunqoba e-Orlando Stadium ngesikhathi ibanjwa yi-Al Ahly yase-Egypt ngo 0-0 emdlalweni weCaf Champions League, ngoMgqibelo.

Ukunganqobi kweBucs kuchaza ukuthi ilahle amaphuzu okokuqala emidlalweni yamaqoqo kwiChampions League.

Ngaphezu kwalokho iBucs ibiye kulo mdlalo ivela ekushayweni yiStellenbosch FC ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership khona e-Orlando Stadium.

Ngasohlangothini lwe-Al Ahly lo mphumela uchaza ukuthi iphinde yahluleka ukunqoba eNingizimu Afrika okuyinto engakaze iyenze.

Yize iPirates bekuyiyona ebiphethe umdlalo ngesiwombe sokuqala kodwa akukho okuthusayo ekwenzile. Lokhu kubukeke kuzikhulula izivakashi obekucaca ukuthi bezingafuni ukuhlasela kakhulu.

I-Al Ahly yona ibingatatazeli uma iphethe ibhola. Nokho ziye ekhefini kungu 0-0 futhi lokhu bekuvuna izivakashi.

Ngesiwombe sesibili umdlalo uthe ukuphaphama kucaca ukuthi womabili amaqembu afuna ukushaya igoli. Lokhu bekuphoqa onozinti ukuthi bavimbe amabhola amabili.

Ngomzuzu ka-63 i-Al Ahly ifake uPercy Tau endaweni ka-Abou Ali. Lo mdlali weBafana Bafana usheshe wazibonakalisa eqhatha uSipho Chaine nomdlali wePirates bacisho balimazana.

IPirates ilwenzile ushintsho nayo ngomzuzu ka-67 ifaka uMohau Nkota noTshegofatsa Mabasa, yakhipha uDeon Hotto no-Evidence Makgopa.

Ngasekugcineni komdlalo i-Al Ahly ibisivuke indlobane kucaca ukuthi ifuna ukuwantshontsha wonke amaphuzu e-Orlando Stadium. Nokho ibimfica ephila uChaine ezintini zeBucs.