CAF Champions LeagueEzakamuvaIbhola

IMarumo Gallants icacisa ngamahlebezi amabi ngemihlomulo yabadlali

By Sbongs Gumbi

Kunemibiko ephume ngoLwesibili ethi abadlali beMarumo Gallants badube ukujima ngoba befuna kucaciswe ngemihlomulo yabo. 

Le mibiko iphuma nje leli qembu linomdlalo omqoka weCaf Confederation Cup ngoLwesithathu, noweDStv Premiership ngoMgqibelo. 

NgoLwesthathu iMarumo Gallants izobhekana neYoung Africans yaseTanzania emdlalweni womlenze wesibili kweyandulela omanqamu kwiConfederation Cup. 

Ilandela ngemuva ngo 2-0 kulandela ukushaywa kwayo ekuhambeni ngeviki elidlule.

NgoMgqibelo izodlala neSwallows emdlalweni weligi ozocacisa ngekusasa layo kwiPremiership njengoba ilengele ezembeni nje. 

Manje lezi zindaba zokuthi abadlali bafuna kucaciswe ngemihlomulo abazoyithola ziqhamuke ngesikhathi esingesihle neze. 

Yingakho iMarumo Gallants inqume ukuphumela obala icacise ngale mibiko njengoba iphika ukuthi kukhona ukungeneliseki okukhona eqenjini.

“Ngemibiko yabezindaba ngemihlomulo engakhokhiwe, ekweletwa abadlali beMarumo Gallants, iqembu lifisa ukusho lokhu: 

“Okokuqala, ayikho imihlomulo ekweletwa abadlali. Okwesibili, ayikho imiholo ekweletwa abadlali,” kusho leli qembu ngesitatimende. 

“Imihlomulo nezinye izinkokhelo zihlonzwa yiqembu ngokubheka izinto eziningi. 

“Ukukhishwa kwemihlomula yokwenza kahle phambilini akuqinisekisi ukuthi izophinde ibe khona nangokuzayo. 

“Imihlomulo yikwenza kahle emidlalweni yendebe nezinye izinkokhelo kungena ngaphansi kohlelo lokuphathwa kwezimali eqenjini. 

“Ukuthi abadlali baphoqa ukuthi kukhokhwe imihlomulo ethile ngesikhathi esithile, ikakhulukazi ngaphambi kwemidlalo emqoka,  yinto engekho nje. 

FUNDA NALA: Opelepele nomjaho omusha wokuzicijela iComrades eThekwini

“Le mibiko iyalithunaza iqembu. Njengamanje sibheke imidlalo yethu elandelayo okukhona kuyo nomlenze wesibili kweyandulela owamanqamu kwiConfederation Cup. 

“Sinethemba lokuthi iqembu lizoqhubeka nokudlala ngokuzimisela njengoba lenzile kusukela ekuqaleni kwalo mqhudelwano.”