Usuthu luqinise iqembu ngomgadli obedlalela iChippa
SIHLE NGUBO
AmaZulu FC ayaqhubeka nokuqinisa iqembu njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali kuze kube sekupheleni kukaJanuwari.
Usuthu lumemezele ukuthi lusayinise u-Elmo Kambindu, waseNamibia, obedlalela iChippa United. Lo mdlali wemukelwe ngokusemthethweni umengameli weqembu uSandile Zungu ngoLwesibili.
Uzwakalise ukwesasa kakhulu ngokuba yingxenye yoSuthu olusemkhankasweni wokuqeda isizini endaweni engcono kwilogi yeBetway Premiership.
“Ngifisa ukubonga umengameli ngokungiletha kuleli qembu eliyisimangaliso kangaka,” kusho uKambindu.
“Ngiyajabula ukuba lapha futhi ngingakujabulela ukushaya amanye amagoli eqenjini. Ukwesekwa esengikutholile selokhu ngifikile kuyamangalisa.
“Kubalandeli, ngifisa ukuninxusa ukuthi nize enkundleni ngobuningi benu nizoseseka, thina sizokwenza lokho okulindeleke kithina.”
Ukufika kukaKambindu kuSuthu kulandela ukusayina kukaBongani Zungu noSandile Mthethwa emasontweni edlule. Kuphinde kwakhushulwa uTebobo Mashigo (22) noSiphosenkosi Ngubane (21) abebedlala eqenjini leDiski Challenge.
AmaZulu aphinde aqinisekisa ukuthi abolekise unozinti u-Olwethu Mzimela (23) nomdlali wasesiswini uSiyanda Hlabangeza (22), eqenjini eligijima kwiMotsepe Championship iDurban City FC.
Laba badlali bazohlala kuze kuphele isizini ka-2024/2025 kwiDurban City ezihola phambili kwilogi yeChampionship, ukuze bathole ithuba lokudlala namava abawadingayo.
Usuthu luzobuyela enkundleni ngokubhekana neStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoJanuwari 23 (ngoLwesine).