Umqeqeshi wePirates uchazwa ukushaya into ecokeme komdlali wakhe
SIHLE NGUBO
Ubukeka ebuyelwa yifomu yakhe umdlali we-Orlando Pirates onekhono, uRelebohile Mofokeng.
Lo mdlali uke wehla kancane ezingeni aziwa ngalo, nokuyinto egqame kakhulu kuqala isizini ka-2025/2026.
Kuze kwaba nomcabango wokuthi kumphazamisile ukungazitholeli iqembu phesheya, yize abadlali abafike ngemuva kwakhe eqenjini elikhulu sebedlala phesheya.
UMofokeng ufike eqenjini elikhulu esuka kwiDStv Diski Challenge (DDC), kwacaca ukuthi unekhono elingangatshazwa.
Lo mdlali kuke kwavela ukuthi kukhona amaqembu aphesheya abemfuna kodwa wagcina engashiyanga kwiBucs.
Kunalokho uMohau Nkota noMbekezeli Mbokazi (abafike kamuva eqenjini elikhulu) yibona abaye eSaudi Arabia nese-USA ngokulandelana kwabo.
Nokho ifomu yakamuva kaMofokeng ikhombisa ukuthi uyabuyela ekujabuleleni kudlala ibhola futhi.
Okuqaphelekayo ukuthi manje usedlala kunombolo 10, akagijimi ophondweni njengaphambilini.
UMofokeng ushaye igoli waphinde wasiza ukuthi kungene elesibili ngesikhathi iPirates iguqisa AmaZulu FC ngo 2-0, emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium eThekwini, ngoLwesibili ebusuku.
Bese kungokwesibili eshaya igoli imidlalo ilandelana njengoba enze okufanayo iPirates ibhekene neMagesi.
Umqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, ubona uRele edlala kahle kunombolo 10 futhi ezolinika okungcono iqembu uma egijima kule ndawo.
“Ngithola izinto eziningi ukuthi umqeqeshi wakhe kumele amdlalise ohlangothini, ungcono lapho,” kusho u-Ouaddou odabuka eMorocco.
“Kodwa unezindawo eziningi angazidlala lo mdlali ngoba unekhono. Uyakwazi ukudlala ohlangothini naphakathi.
“Kodwa thina siyithimba labaqeqeshi sesibonile ukuthi yikuphi lapho kumele adlale khona ukuze asinike okungcono.
“Selokhu simenze wadlala maphakathi, ushaya amagoli, ngakho ngicabanga ukuthi yindawo engcono futhi kumele simgcine lapho.”
UMofokeng uyena obe umdlali ovelele ngokusiza ezakhe ukuthi zidlule kuSuthu, osekuphele imidlalo engu-20 lwagcina ukunqoba uma ludlala neBucs.
Ukunqoba kwePirates kuyinyusele esicongweni selogi yeBetway Premiership, nokwenza kushube umbango wesicoco seligi.
EZimnyama sezihamba phambili ngamaphuzu amathathu kanti imidlalo yazo nompetha beligi iMamelodi Sundowns, isiyalingana ingu-15.
Emdlalweni olandelayo iPirates izobhekana neTshakhuma koweNedbank Cup Last 32, eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo, ngo-3 ntambama.

