IStellies eshaywe yiSimba isenethuba kwiConfed Cup
SIHLE NGUBO
IStellenbosch FC isenalo ithuba lokuzibekisela indawo kowamanqamu weCAF Confederation Cup yize ishaywe yiSimba SC ngo 1-0 emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu e-Amaan Stadium, eZanzibar, ngeSonto.
Iqembu lakuleli lizothola ithuba lokuziphindiselela eqenjini laseTanzania uma la maqembu esetholana emlenzeni wesibili eNingizimu Afrika.
Kulowo mdlalo iStellies akumele idedele igoli ngoba lokho kungasho ukuthi sekuphelile ngayo.
Ngakolunye uhlangothi kumele izame ukuhlohla amagoli ukuze iqinisekise ukuthi izibekisela indawo kowamanqamu.
Umdlalo ubulingana esiwombeni sokuqala yize kuyiqembu lasekhaya ebelibukeka liyingozi uma liya phambili.Kuthe sekubukeka sengathi zizoya ekhefini kungu 0-0 uJean Ahoua washaya igoli ngomzuzu ka-45+2.
Ukudedela igoli ngalesi sikhathi somdlalo kuhlale kubacasula abaqeqeshi abahlale begcizelela ukuthi abadlali kumele baqaphele kule mizuzu.
Ngesiwombe sesibili iStellenbosch izamile ukubhukula ifuna igoli lokulinganisa. Nokho ibililahla kalula ibhola uma isifike phambili.
Ukucindezela kweStellies kucisho kwayifaka enkingeni njengoba ibiphunyukwa yibhola bese iSimba ihlasele ngokuzuma.
U-Ahoua ugeje imbuzi yegoli ngomzuzu wokugcina esedlule ngisho unozinti.
ISimba, eqeqeshwa uFadlu Davids, kulindeleke ukuthi ihlale emuva uma la maqembu esehlangana eMoses Mabhida Stadium, ngeSonto elizayo.

