Ushone eyokwenza into abeyithanda umdlali weDurban City
SIHLE NGUBO
IDurban City iqinisekise ukudlula emhlabeni ngokuzuma komdlali wayo ngesikhathi ibhekene neMilford FC emdlalweni weMotsepe Foundation Championship, eChatsworth Stadium, ngoLwesibili ebusuku.
Impempe ibikile ukuthi kudindeke kumiswe umdlalo kulandela ukushona komdlali kulo mdlalo womkhaya obubhekwe ngabomvu yiwo wonke amaqembu eChampionship.
Kuvele ukuthi umdlali, osekuqinisekiwe ukuthi uSinamandla Zondi, uvele washayeka phansi ngesikhathi ezelula nabanye abadlali ngaphambi kokuqala komdlalo. Lo mdlali ubekhona kulabo abebezoqala umdlalo.
Kuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela waqhubeka umdlalo, ngethemba lokuthi uzofike athole usizo abe ngcono.
Umdlalo umisiwe sekuzoqala isiwombe sesibili ngemuva kokuthi kufike izindaba ezimbi zokuthi ugcine eshonile.
Ngaleso sikhathi iMilford ibihamba phambili ngo 1-0, okuyiphenathi eshaywe uSiphosethu Ndlabi.
“Kuyinto ebuhlungu ukuqinisekisa ukudlula emhlabeni kukaSinamandla Zondi, obaziwa ngelikaSgora, ilungu elithandwayo leDurban City FC,” kusho isitatimende esithunyelwe yiqembu.
“USinamandla ubengeyena nje umdlali onekhono, kodwa ubeyilungu leqembu kozakwabo.
“Ubewumngani, ubhuti, indodana futhi ebagqugquzela labo abebemazi.
“Imicabango yethu nenduduzo kubheke kubangani, umndeni, abaqeqeshi nabo bonke abathintekile kule nhlekelele.
“Sizoqhubeka nokweseka labo abaseduze naye kulesi sikhathi esinzima kangaka.”
UZondi, obeneminyaka engu-22 kuphela, ufike kwiCity ngo-2021 isabizwa ngeMaritzburg United. Ubesedlale imidlalo engu-24 yeqembu kule sizini.
ICity iyona esesicongweni kwilogi yeChampionship ngamaphuzu angu-46. Ilandelwa yiKruger United ngamaphuzu angu-41 endaweni yesibili.

