Kumiswe umdlalo weDurban City neMilford kushona umdlali
SIHLE NGUBO
Kumiswe umdlalo weMotsepe Foundation Championship isigubhukane, phakathi kweDurban City neMilford FC, eChatsworth Stadium, eThekwini, ngoLwesibili ebusuku.
Iqembu alifunanga ukucacisa ukuthi kwenzekeni kodwa kuvela ukuthi kunesigameko esingesihle esenzekile enkundleni, kwaphoqeka ukuthi kumiswe umdlalo.
ICity ikhiphe isitatimende esifushane esikhombise ukuthi kukhona okubi okwenzekile eChatsworth Stadium.
“Umdlalo wanamuhla umisiwe ngenxa yesimo esingakwazi ukusilawula siyiDurban City Football Club,” kusho isitatimende seCity.
“I-Premier Soccer League (PSL) izokhipha isitatimende kungekudala, sizobe sesiza nemininingwane ukuya phambili.”
Kuvelile kodwa ukuthi kumiswe umdlalo ngoba kunomdlali ovele washona umdlalo usaqhubeka.
Impempe ithole ukuthi umdlali oshonile ubezelula nabanye ngaphandle kwenkundla, wavele wawa kwaba sengathi uqulekile. Kuthiwa ushone sebezama ukumphuthumisa esibhedlela.
Akucaci ukuthi ubani umdlali nokuthi owaliphi iqembu phakathi kweCity neMilford.
Umdlalo bewuye ekhefini kuhamba phambili iMilford ngo 1-0 nokube yiphenathi eshaywe uSiphosethu Ndlabi. Bese kuqala isiwombe sesibili ngesikhathi kwenzeka le nhlekelele.

