Icala likaMagawana lingawona umcimbi weDurban City
SIHLE NGUBO
IDurban City ingompetha beMotsepe Foundation Championship ka-2024/2025 kodwa kunecala elilenga phezu kwayo elingase lone umcimbi.
Abafana baseThekwini badlale neCape Town Spurs ngeSonto seyivele ifake icala ngomdlali weCity abakholwa ukuthi bekungamele adlale.
Lo mdlali uSaziso Magawana ogqoka ijezi unombolo 17, iSpurs ethi akavunyelwe ukudlalela iCity.
I-JDR Stars nayo ilifakile icala ngoMagawana lapho kusolwa khona iCity ngokuthi imdlalisa engayitholile incwadi emkhululayo evela kwiMarumo Gallants abeyidlalela ngesizini edlule.
Lo mdlali usagejwe imidlalo emibili kuphela yeCity. Ikomiti eliqondisa ubugwegwe lePSL kulindeleke ukuthi lithathe isinqumo ngalolu daba ngoLwesibili.
Uma iCity itholakala inecala izophucwa wonke amaphuzu angu-55 ewathole idlalisa uMagawana, oneminyaka engu-26, bese idliwa yizembe.
Lokho kungasho ukusinda ezembeni kweSpurs bese kuthi i-Orbit College ibe ngompetha beChampionship.
ICity ivale isizini ngokushaya iSpurs eKapa kodwa yanganikwa indebe ngoba kunamacala ebhekene nawo ngokudlalisa uMagawana.

