IChiefs iphinde iBucs ngesibhaxu eMabhida ukuze ibe ompetha
SIHLE NGUBO
Ngemuva kweminyaka eyishumi iKaizer Chiefs inganqobi neyodwa indebe, kugcine kulungile kuMakhosi aseNaturena.
IChiefs ishaye iPirates ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, phambi kwezinkumbi zabalandeli bayo.
Kuthe uma kukhala indweba yokuqeda umdlalo kwaduma inkundla abalandeli baMakhosi bejabula okokuqala ngqa ngokuphelele ngemuva kweminyaka eyishumi.
Umdlalo uqale kungekho iqembu ebelifuna ukuzithela ngabandayo, lihlale emuva.
IChiefs ithole iphenathi wayibeka phakathi uGaston Sirino ngomzuzu weshumi kwaba ngu 1-0.
Nokho ukuhamba phambili kweChiefs akuthathanga isikhathi eside njengoba u-Evidence Makgopa engqofele phakathi elokulinganisa ngomzuzu ka-17, kwaba ngu 1-1.
Isiwombe sesibili siqale zisathengana kucaca ukuthi alikho iqembu ebelifuna ukuya esikhathini esengeziwe noma amaphenathi.
Ngasemizuzwini yokugcina iChiefs ibihlasela kakhulu futhi nabalandeli bebebonakala belilindele igoli.
Kuchwaze inkundla ngesikhathi ukaputeni uYusuf Maart ededela imbumbulu yegoli ngomzuzu ka-80 kwaba ngu 2-1.
Igcina ukunqoba indebe iChiefs yashaya yona iPirates ngo 1-0 kwiMTN8 kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium.
Akungabazeki ukuthi abalandeli beChiefs bazobhiyoza isonto lonke bejabulela ukunqoba kweqembu labo ebese lizwa ngendaba ukuthi yini ukuqukula indebe.
Ukuze ikhale yemuke neNedbank Cup iChiefs ishaye amaqembu afana neStellenbosch FC, yiMamelodi Sundowns nePirates.
IStellies beyidlala kwiCAF Confederation Cup lapho iphume kweyandulela owamanqamu. IPirates iphume kowandulela owamanqamu weCAF Champions League, kanti iSundowns izodlala kowamanqamu nePyrmids SC.
Ngesizini ezayo iChiefs izodlala kwiCAF Confederation Cup. Yagcina ukudlala imidlalo yeCAF ngo-2021 lapho yashaywa khona yi-Al Ahly ngo 3-0 kowamanqamu.

