UMaart ugeze igama lakhe enqobisa iChiefs iNedbank Cup
SIHLE NGUBO
Ukaputeni weKaizer Chiefs, uYusuf Maart, ugqibe konke ukungatshazwa, ukugxekwa namaphutha, esiza ezakhe zinqoba i-Orlando Pirates ngo 2-1 ngoMgqibelo ntambama.
Amakhosi akhale emuka nendebe yeNedbank Cup kulandela ukushaya iBucs emdlalweni wamanqamu eMoses Mabhida Stadium.
UMaart ushaye igoli lokuwina ngomzuzu ka-80 kwachwaza inkundla. Ngaphandle kwalokho lo mdlali ube nomdlalo omuhle kakhulu.
Esiswini uMaart ubeyibambe noThabo Cele kanti abakwenzanga kwaba lula ukuthi iPirates izigelezele nje.
Lo mdlali usegxekwe kakhulu abalandeli ngokwenza amaphutha nokuhluleka ukuphasa ibhola ngendlela efanele ngezinye izikhathi.
UMaart useke wamataniswa nokuthi angase aye kwiSekhukhune United uma kuphela isizini ka-2024/2025.
Nokho iChiefs kuvele ukuthi ikuqede konke ukuqagela yamnika inkontileka entsha ngo-Ephreli. Ukuphikile uMaart ukuthi usayine inkontileka entsha naMakhosi.
Ngemuva komdlalo lapho uMaart eqokwe khona njengomdlali wosuku, ubonge ukwesekwa abakutholayo njengeqembu.
“Okokuqala ngibonga uMdali. Besingeke sikwenze lokhu ngaphandle kwakhe kanjalo nabalandeli bethu abasesekayo basinike nothando,” kusho uMaart kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Ithimba labaqeqeshi belize nomqondo omuhle. Singabadlali nathi besikahle ngokomqondo.
“Ngicabanga ukuthi nabalandeli bebenomqondo omuhle ekusesekeni kwabo namuhla.
“Siyabonga kakhulu ngokuseseka. Ngiyajabula ukuthi sibuye nokuthize ukujabulisa ithimba labaqeqeshi, abalandeli nosihlalo.”
UMaart ungukaputeni wokuqala ukuphakamisa indebe neChiefs ngemuva kweminyaka eyishumi.
Ukaputeni wokugcina ukuqukula indebe naMakhosi kwaba uTefu Mashamaite ngo-2014. Nalapho bashaya iPirates ngo 1-0 kowamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium.