EzakamuvaiNedbank Cup

‘Bekufana nokuya kudokotela wamazinyo,’ kusho uMokwena

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uqhathanise umdlalo wabo weNedbank Cup ne-University of Pretoria nokuya kudokotela wamazinyo.

ISundowns ithwale kanzima kulo mdlalo futhi kunezikhathi la bekubukeka sekuyibhimbele.

Nokho igcine inqobile ngenxa yokuqhawe bukaRonwen Williams sekukhahlela amaphenathi kulandela ukuthi umdlalo uphele ngo 1-1.

“Sifike kanjani vele kumaphenathi naMaTuks, emizuzwini engu-15 yokuqala bekumele ngabe besihamba phambili ngo 4-0… 

“Kodwa vele kunzima ukudlala nabo. Bekufana nokuya kudokotela wamazinyo,” kusho uMokwena ngemuva komdlalo. 

“Bekunzima ngoba bayamaka, bafuna ukudlala endodeni bese beyogcwala ebhokisini uma behlasela noma bemaka. 

“Uma bethola ibhola eliphoswayo, elibekwe phansi… Wonke ajikijelwa ebhokisini.

“Kodwa lokho ngabe kusho ukuthi bekufuneka size sifike kumaphenathi kulo mdlalo? “Ngiqonde ukuthi imizuzu engu-15 yokuqala bekufanele kube ngu-3-0, 4-0 saphinde sathola amathuba amaningi ngesiwombe sesibili.

“Sibe neshwa ngomzuzu wokugcina (ngethuba likaThembinkosi) Lorch kodwa ngiyajabula ngokuthi abafana bagcine benqobile.

“Balisebenzele iqembu, halala kwiiMamelodi Sundowns. Siyawancoma naMaTuks, aqhube kahle emqhudelwaneni.

“Futhi ayiqembu elinzima kakhulu, okunzima ukudlala nalo, sibafisele konke okuhle ngokuqhubeka kwesizini yonke,” kusho uMokwena.