iNedbank Cup

OweBucs uyabazi ubuthaka babo ngaphambi komdlalo neChiefs

SIHLE NGUBO 

UTapelo Xoki we-Orlando Pirates uthi bayabazi ubuthaka babo nokuthi yini okumele bayilungise, ngaphambi kokubhekana neKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup ngoMgqibelo ntambama.

IBucs, okuyiyona evikela indebe, izozama ukunqoba iNedbank Cup okwesithathu kulandelana uma seyibhekene naMakhosi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

EZimnyama ziya kulo mdlalo kuyizona izimfivilithi njengoba zenza kahle emidlalweni yamanqamu muva nje. Ngaphandle kwalokho iBucs iyona egcine ishaye iChiefs ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership.

Nokho uXoki uyazi ukuthi kumele babhukule kakhulu ngoMgqibelo ukuze baphakamise indebe yeNedbank Cup okwesithathu kulandelana.

“Siyazi ukuthi asidlali namaqembu amancane kodwa sidlala namaqembu azimiselayo nawo,” kusho uXoki.

“Into esiyizamayo thina ukunciphisa amathuba abo ukuthi bangashayi amagoli kithina.

“Siyazi ukuthi amaphutha ethu akuphi, siyawalungisa futhi ukuya kulo mdlalo. Into ebalulekile ukuthi sizimisele ngosuku lomdlalo sidlale umdlalo.”

I-Pirates isanda kuwashiswa ijezi kwiCAF Champions League yiPyramids SC yase,-Egypt. NakwiBetway Premiership akubukeki izokwazi ukufica iMamelodi Sundowns esesicongweni.

Lokhu kuchaza ukuthi kubalulekile kakhulu ukuthi inqobe iNedbank Cup ngoMgqibelo.

“Ukudlala imidlalo emikhulu kuyasiza ukusinika amava njengeqembu,” kusho uXoki.

“Nabadlali abasebancane bathole ithuba lokudlala le midlalo, ngakho kuyasisiza sonke. Wonke umuntu uyazi ukuthi yini elindelekile kuyena nokuthi okumele asifake kanjani isandla.”

Mayelana nabadlali abasebancane uXoki abafuni ukubacindeza ngemininingwane eminingi kodwa “sifuna bese izinto ngendlela yabo, bakhululeke.”