I-Free Agents FC ithembisa ukushaya iChiefs kwiNedbank Cup
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weFree Agents FC, u-Olaitan Oladeru, ubona benalo ithuba lokushaya iKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup Last 32, eFNB Stadium ngeSonto ngo-6 ntambama.
I-Free Agents, egijima kwi-ABC Motsepe
League eGauteng, izozama ukuqhuba umlando wamaqembu amancane afike abukise ngeChiefs kulo mqhudelwano.
Sekuke kwenzeka kaningi ukuthi iqembu elidlala esigabeni esiphansi liwashise Amakhosi ijezi kwiNedbank Cup. Elokugcina ukwenza lokho kube yiMilford FC, edlala kwiMotsepe Foundation Championship, eshaye iChiefs kwiLast 32 ngesizini edlule.
Nokho okuyohlale kuyisilonda kubalandeli beChiefs ukushaywa kabuhlungu yiTS Galaxy ngo 1-0 kowamanqamu walo mqhudelwano. Leli qembu likaTim Sukazi lalisadlala kwiChampionship.
U-Olaredu ugcizelele ukuthi iqembu lakhe ngeke lingenwe amanzi emadolweni njengoba lizodlala neChiefs futhi lizozinikela ngakho konke.
“Sizibekele umgomo othile. Kungabe sesishayiwe vele uma singaya kulo mdlalo sithi akukho okutheni okungasilahlekela, asihambe nje siyodlala bese sihambe enkundleni,” kusho u-Olaredu kwabezindaba ngoLwesine.
“Sinakho esifuna ukukufeza. Siya laphayana ukuyodlala ngemiqondo yethu yonke, futhi njengoba ubona sizodlala nomunye umuntu, onenhliziyo eyodwa, amaphaphu amabili…
“Igazi ligijima emithanjeni yabo, zonke izinto ezidinga umdlali yinto abanayo. Banamaphaphu amabili nathi sinamaphaphu amabili njengabo.”
IChiefs ayidlali ibhola eligculisayo selokhu kuqale isizini ka-2024/2025. Ayikwazi nhlobo ukunqoba imidlalo ilandelana nokwenza isale ngamaphuzu emaqenjini abhekwe ukuthi akhale emuke nesicoco seligi ekupheleni kwesizini.
Ibhola elidlalwa Amakhosi alilibi kangako kodwa inkinga enkulu ukuhluleka ukushaya amagoli. Kuzomele leli qembu laseNaturena likuqaphele lokhu uma selibhekene neqembu elincane elilambele udumo nempumelelo.
“Sizokwenza konke ukunqoba umdlalo. Noma yini le engase yenzeke ayiyekwe yenzeke,” kuqhuba u-Olaredu ngokuzethemba.
“Ngesikhathi ngizwa isikhangiso somqhudelwano bathe uDavide uzobe ebhekene noGoliyathi, ngakho kungenzeka noma yini. Ukhumbule uDavide wambulala uGoliyathi.
“Umyalezo esingawuthumela kwiKaizer Chiefs ukuthi akukho esibaxwayisa ngakho. Kumele sihloniphe igama labo njengoba lingelinye lamakhulu ezweni lethu, kodwa kumele bayilungele impi.”