IBetway Premiership

IPirates ingase iphuthwe yindebe yesithathu emasontweni amathathu 

SIHLE NGUBO 

I-Orlando Pirates ingase ilahlekelwe yizindebe ezintathu ebinethuba lokuzithatha kule sizini, kungakapheli namasonto amathathu.

EZimnyama ziqunjwe phansi yiKaizer Chiefs ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ntambama.

Lokhu kuliqede nya iphupho lokuqukula indebe yesibili kule sizini. IBucs ivele inayo indebe njengoba inqobe iMTN8 ekuqaleni kwesizini.

Ngo-Ephreli 25 iPirates iwashiswe ijezi yiPyramids SC yase-Egypt eyishaye ngo 3-2 emlenzeni wesibili weCAF Champions League. Umlenze wokuqala waphela ngo 0-0.

Ukujaha ompetha beligi iMamelodi Sundowns kwiBetway Premiership, nakho kungase kuphele nya ngakho ngeSonto ntambama.

Uma iSundowns inqoba iStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership, eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngeSonto, kuyosho ukuthi isinamaphuzu angu-67.

IPirates inamaphuzu angu-52 njengamanje kanti isele ngemuva ngemidlalo emihlanu.

Ukuyinqoba yonke le midlalo kungayibeka emaphuzwini angu-67 kodwa umehluko wamagoli phakathi kwayo neSundowns mkhulu kakhulu.

NgoLwesibili iBucs izobhekana neLamontville Golden Arrows, e-Orlando Stadium, emdlalweni weligi. La maqembu asanda kutholana phezulu ngesonto eledlule eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, lapho kunqobe khona iBucs.

Indlela okubukeka ngayo sengathi iSundowns izohamba nePremiership, iChiefs ibambelele kwiNedbank Cup, iPirates iziduduze ngeMTN8, bese iMagesi FC izishaye isifuba ngokunqoba iCarling Black Label Cup, yize kade iqala ukudlala kwiPremiership.