IBetway Premiership

IDowns ingompetha bePremiership okwesishiyagalombili

SIHLE NGUBO 

IMamelodi Sundowns ibe ngompetha beBetway Premiership okwesishiyagalombili kulandelana ngemuva kokushaya iChippa United ngo 3-0 emdlalweni weligi, eBuffalo City Stadium, e-East London, ngoLwesithathu ebusuku.

Abafana Ba’Style baye kulo mdlalo bedinga iphuzu elilodwa kuphela ukuze bethweswe uphaphe lwegwalagwala, osekuyinto eseyijwayelekile kwiligi yaseNingizimu Afrika.

Ukunqoba kweSundowns kuchaza ukuthi seyizokwazi ukubeka imiqondo kahle ekulungiseleleni iCAF Champions League, lapho izodlala khona nePyramids SC yase-Egypt kowamanqamu.

Umdlalo womlenze wokuqala weChampions League useLoftus Stadium, ngoMeyi 24. Owesibili useCairo ngoJuni 1.

Nokho ngaphambi kwalokho iqembu laseChloorkop lizonikezwa ngokusemthethweni indebe yeBetway Premiership (engaziwa nokuthi injani) uma selibhekene neMagesi FC ngeSonto eLoftus Stadium.

ISundowns isheshe yacacisa ukuthi ayizele ukuzodlala ngesikhathi u-Iqraam Rayners eshaya igoli ngomzuzu ka-11.

Ubeseshaya igoli lakhe lika-14 emidlalweni yeBetway Premiership kule sizini, nokumenza alingane nozakwabo uLucas Ribeiro.

Ngesiwombe sesibili ike yagoloza kancane iChilli Boys kodwa iSundowns yalokhu ihlasele njalo.

U-Arthur Sales, osuke ebhentshini, ushaye igoli ngomzuzu ka-69 kwavele kwacaca ukuthi sizokhala futhi isibhaxu eqenjini lasekhaya.

Ubuyile futhi uSales ngomzuzu ka-89 washaya igoli lesithathu, nokube yisipho ngemuva kokuthi unozinti weChilli Boys, uJohnson, ekhahlele ibhola laya kuyena ngqo.

Umqeqeshi weChippa United uvele wamkhipha uJohnson wafaka uLukhanyo July endaweni yakhe.

Ngeledlule iSundowns ibhaxe iChilli Boys ngo 3-0 eLoftus Stadium, emdlalweni weligi.

IChippa ayikaze ishaye iSundowns emidlalweni yeligi selokhu yafika kwiPremiership. Nokho isike yabaphoxa ompetha beligi emidlalweni yemikhumulajezi.