IBetway Premiership

IChiefs inethuba lokugcina ngci lokungena kwiTop 8

SIHLE NGUBO 

IKaizer Chiefs izoba nethuba lokugcina ngci lokuzama ukupulukutshela kwiTop 8 njengoba kuzodlalwa imidlalo yokusonga isizini ngoMeyi 24.

Amakhosi aphinde alahla amaphuzu ngesikhathi ebambana neSekhukhune United ngo 1-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo.

Lokhu kwenza ukuthi leli qembu laseNaturena lihlale endaweni yesishiyagalolunye kwilogi yePremieship.

IChiefs kumele ibonge ukuthi amaqembu abeyenzela ufefe ngokushaya lawa ebanga nawo ukungena kwiTop 8, okubalwa kuwona iLamontville Golden Arrows, iChippa United nePolokwane City.

Emdlalweni wokugcina wesizini iChiefs izobhekana neRise and Shine enamaphuzu angu-33 njengoba yona ina-31 kanjalo neChilli Boys.

Ukunqoba lo mdlalo kuzoyifaka nakanjani kwiTop 8 iChiefs ngoba iChippa yona seyiqedile ukudlala imidlalo yayo, seyizolindela imiphumela ukubona ukuthi iyahlala yini kwiTop 8.

Ukupulutshela kwiTop 8 kungase kuqinisekise ukuthi Amakhosi abhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni we-quartfinal yeMTN8 ekuqaleni kwesizini ezayo.

Emsileni kubukeka kuyiCape Town City ezodlala imidlalo yokuhlunga namabili azoqeda endaweni yesibili neyesithathu kwiMotsepe Foundation Championship.

Nokho iSuperSport United ne-Arrows kuzomele banqobe imidlalo abasele ngayo ngemuva ukuze iCityzens iphoqeleke ukuyodlala eyokuhlunga.

ICity ishaye iPolokwane ngo 2-0 ukuze ingalahlekelwa yithemba lokuhlala kwiPremiership okwamanje.

I-Arrows ibambane neRichards Bay ngo 0-0, kwathi iSuperSport yashaywa ngo 2-1 yiStellenbosch FC.

Ompetha beligi iMamelodi Sundowns bazobhekana neMagesi FC ngeSonto ngo-3 ntambama, eLoftus Stadium, ePitoli.

Kulo mdlalo Abafana Ba’Style bazonikwa indebe yabo ngokusemthethweni njengoba sebenqobe iligi okwesishiyagalombili kulandelana.

Bonke abathandi bebhola bazobe beqala ukubona indebe yeBetway Premieship uma seyinikwa iSundowns ngeSonto.