‘I-Arrows ngeke idliwe yizembe,’ kusho uMngqithi
PHILI HLONGWANE
‘I-Arrows ngeke idliwe yizembe, kumele ukwazi lokho. Uma kwenzeka okwehlukile ngiyobe ngilapha ukuphendula.’
Lawa ngamazwi omqeqeshi uManqoba Mngqithi awasho ngemuva kokuthi iLamontville Golden Arrows ibambane neRichards Bay FC ngo 0-0 emdlalweni weBetway Premiership ngempelasonto.
Abafana Bes’thende bashiyana ngephuzu elilodwa kuphela neCape Town City ebukeka izodlala imidlalo yokuhlunga ne-Orbit College neCasric Stars, uma kungashintshi lutho kwiMotsepe Foundation Championship.
Okwamanje kulindwe ukuthi ikomiti eliqondisa ubugwegwe lePSL lithathe isinqumo ngecala elifakwe yiJDR Stars neCape Town Spurs, mayelana nokudlalisa uSaziso Magawana okuthiwa ubengenayo incwadi emkhululayo evela kwiMarumo Gallants, abeyidlalela ngesizini edlule.
Ukubuyela kwi-Arrows isalelwe ukubhekana neSekhukhune United ngoMeyi 24 ekhaya, bese kube khona umdlalo okumele iwudlale neSuperSport United okungakaziwa ukuthi uzoba nini njengoba ungaveli ohleni lwemidlalo yePremieship.
Lo mdlalo waphazanyiswa ukucima kukagagesi eLucas Moripe Stadium, ngoFebhuwari 23. Ngesikhathi kwenzeka lokhu kwakungu 1-1.
“I-PSL ayikasho ukuthi umdlalo uzodlalwa nini ngakho nathi asazi. Angifuni ukuthi ngithi mhlawumbe yisonto elizayo ngoba bangathi asiwudlale ngoLwesine,” kusho uMqo Thusi ongumxhumanisi we-Arrows nabezindaba.
Yize uMngqithi emile ekutheni ngeke badliwe yizembe njengoba besalelwe yimidlalo emibili ukuthi bagoqe isizini kodwa iyamkhathaza eyokuthi abalikhahleleli ipali ngendlela.
“Sengike ngabona umgadli kuleli qembu ebhekene nonozinti, kungekho muntu phambi kwakhe, kodwa usafuna ukuphesela umuntu ongemuva kwakhe,” kuqhuba uMngqithi oke waqeqesha iMamelodi Sundowns.
“Sengibone izinto ezimangazayo engingakaze ngicabange ukuthi ngingazibona ebholeni.
“Nokho ngisenethemba lokuthi indlela esenza ngayo iyona yokwakha iqembu futhi lizoba yileli qembu engilifunayo ukuya phambili.”

