EzakamuvaIBetway Premiership

‘Sifuna ukuqeda (isizini) sishayela phezulu,’ kusho oweChiefs

SIHLE NGUBO

Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uThabiso Monyane, ubheke amaphuzu amathathu uma sebetholana phezulu neSiwelele FC, eToyota Stadium, eBloemfontein, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

Amakhosi ayadinga ukunqoba lo mdlalo kulandela ukubambana ngo 1-1 nezimbangi i-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngeSonto.

Ngaphambi kwalo mdlalo iChiefs ilahle amaphuzu ibambana nePolokwane City ngo 0-0.

“Umdlalo womkhaya ubumuhle. Besinohlelo futhi konke sikwenze kahle,” kusho uMonyane kwi-website yeChiefs.

“Womabili amaqembu azamile ukunqoba umdlalo kodwa wagcina uphele lingekho eligobe uphondo.

“Manje sesibheke ukuya eBloemfontein ukuyodlala neSiwelele esendaweni ka-11 kwilogi.

“Asilindele umdlalo olula futhi ngeke sizithathe kancane izimbangi zethu. Sizoya laphaya siyokwenza konke okusemandleni ethu.”

Kuyaziwa ukuthi abalandeli bebhola baseCity of Roses bahlale bephuma ngobuningi babo, ngakho kungalindelwa okufanayo ngoLwesithathu ebusuku.

“Yebo abalandeli bebhola eBloemfontein bebelokhu belambele ibhola manje sebelitholile,” kuqhuba uMonyane.

“Njengomdlali weKaizer Chiefs uyasazi isiqubulo nosiko okuthi uhlale usekhaya, ngakho sibheke ngabomvu ukubabona eBloemfontein kulo mdlalo obaluleke kangaka.”

IChiefs ibheke ukuhlanganisa amaphuzu angu-50 okokuqala kusukela ngesizini ka-2020/2021, lapho yaqeda endaweni yesibili ngamaphuzu angu-57.

Ngesizini edlule leli qembu laseNaturena liqede ngaphandle kweTop 8 okwesibili amasizini elandelana.

“Sisanda kudlala umdlalo womkhaya kodwa lona umdlalo obalulekile kakhulu.

“Sibabhekile sabahlelela ngendlela efanale, manje sekumele siye laphaya siyokwenze konke ngendlela.

“Sisemaphethelweni esizini futhi kubalulekile ukuthi siqhubeke nomgqigqo wethu.

“Sinomgqigqo omuhle njengamanje, iqembu lenza kahle. Sisesimeni esihle, imimoya iphezulu Kodwa akusho ukuthi kumele sizethembe kuze kweqe.

“Sithatha umdlalo ngamunye. Sifuna ukuqeda sishayela phezulu senze abalandeli bethu baziqhenye.”

Emidlalweni eyisikhombisa edlule iChiefs inqobe emihlanu, yadlala ngokulingana emibili.