EzakamuvaIbhola

Umnikazi weSiwelele FC uyindodana kaGayton McKenzie ezifelayo ngebhola

SIHLE NGUBO

Umnikazi weSiwelele FC, ethenge ilungelo lokudlala kwiBetway Premiership kwiSuperSport United, uyindodana kangqongqoshe weZemidlalo naMaciko, uGayton McKenzie.

Sekuqinisekisiwe ukuthi kuphelile ngaMatsatsantsa a Pitori asebe ngompetha beligi kathathu emlandweni wePremier Soccer League (PSL).

Indoda okuyiyona esungule iSiwelele FC uCalvin Le John. Eminyakeni engu-15 edlule ushintshe isibongo saba uLe John, hhayi ngoba ecasha kodwa efuna ukwakha.

ULe John, oyindodana endala kaMcKenzie, kuvela ukuthi akayingeni nhlobo indaba yodumo nokwaziwa.

Njengoba kuzoqala isizini entsha yeBetway Premiership, wonke umuntu ukhuluma ngokuthengwa kweSuperSport nokuqalwa kabusha kweSiwelele FC – kodwa lokho kungenye yezinto eziningi nezinkulu ezenziwa uLe John.

Ngesikhathi uMcKenzie engena kuhulumeni, uLe John wethweswe ijoka lokubheka wonke amabhizinisi omndeni – kusukela kwizimayini, ezokuthutha, ezokungcebela, ezokushicilela ne-EC Deal ethathwa njengento enkulu e-Eastern Cape kule minyaka eyishumi.

Nokho ibhola lisenhliziyweni yakhe kakhulu uLe John. ISiwelele FC akulona nje iqembu kodwa iyisethembiso kubantu baseBloemfontein.

Kuwukuvuselela intshisekelo, ukuziqhenya nomoya kaNtathe Petrus Molemela, owaba nesandla kakhulu ekugqameni kweCeltic eminyakeni edlule.

“ULe John akakwenzeli ukubukwa lokhu. Lokhu ukwenzela ifa laphakade,” kubeka imininingwane ehlanganiswe yinkampani kaLe John.

Kuzohlaluka maduze ukuthi yibaphi abadlali abazohlala babe yingxenye yeSiwelele, kulabo abashiywe yiSuperSport.

Kukhona abavele asebethole amaqembu amasha, njengoSiphesihle Ndlovu, osayine kwiKaizer Chiefs, no-Ime Okon osezoyibamba eGermany.