IBafana Bafana

Ukaputeni weChiefs ufakwe esikwatini seBafana Bafana

SIHLE NGUBO

Ukuzimisela kukaYusuf Maart weKaizer Chiefs emidlalweni yakamuva yeqembu, sekumenze wafakwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana okuzokhethwa kulona abazodlala imidlalo yobungani ebalulekile ngenyanga ezayo.

UHugo Broos umemezele iqembu lakhe labadlali abangu-41 azotomula kubona abazodlala imidlalo yokungcweka, ngoLwesine.

UMaart ushaye igoli lokuwina ngesikhathi iChiefs ishaya i-Orlando Pirates ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, emasontweni edlule.

Kulo mdlalo lo kaputeni weChiefs ushaye into ecokeme waze waqokwa njengomdlali ovelele ngemuva komdlalo.

Abanye abadlali beChiefs abakhona kuleli qembu uMduduzi Tshabalala nonozinti uBruce Bvuma.

UMbekezeli Mbokazi wePirates naye ukhona ohleni lwabadlali ababizwe uBroos. Lo mdlali akayanga kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) neqembu lakuleli lika-Under 20 ngoba iBucs ibimatasa neminye imidlalo.

UMohau Nkota, obe nesizini enhle kwiPirates, naye umqhwebile uBroos ukuthi azombukela eduze uma egcina esala nxa sekuncishiswa iqembu.

Abadlali beMamelodi Sundowns abafakwanga kuleli qembu ngoba bazobe bematasa neClub World Cup eqala ngoJuni 15, e-USA.

IBafana ilungiselela imidlalo ebalulekile yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezoyidlala kusukela ngoSepthemba nonyaka.

Iqembu lakuleli lizobhekana neLesotho ngoSepthemba 1, bese litholana phezulu neNigeria ngoSepthemba 8 khona lapha ekhaya.

Ngo-Okthoba 6 lizobhekana neZimbabwe bese kuthi ngo-Okthoba 13 lidlale neRwanda. Nayo le midlalo izokuba seNingizimu Afrika.

Selilonke iqembu limi kanje:

Onozinti: Darren Johnson, Bruce Bvuma, Ricardo Goss, Sipho Chaine, Renaldo Leaner.

Izitobha: Khulumani Ndamane, Nyiko Mobbie, Thabo Moloisane, Keagan Allan, Nkosinathi Sibisi, Mbekezeli Mbokazi, Deano Van Rooyen. Siyabonga Ngezana, Vuyo Letlapa, Ime Okon, Samukelo Kabini, Fawaaz Basadien, Fezile Gcaba.

Abasesiswini: Puso Dithejane, Yusuf Maart, Simphiwe Selepe, Gape Moralo, Sinoxolo Kwayiba, Thalente Mbatha, Ndamulelo Maphangule, Kamogelo Sebelebele, Mduduzi Shabalala, Luke Le Roux, Siphesihle Mkhize, Relebohile Mofokeng, Shandre Campbell, Oswin Appollis, Tshepang Moremi, Mohau Nkota, Patrick Maswanganyi.

Amafolosi: Yanela Mbuthuma, Evidence Makgopa, Devin Titus, Tshegofatso Mabasa, Bongokuhle Hlongwane, Mihlali Mayambela.