UBroos uncoma oweChiefs ovale isikhala soweBucs kwiBafana
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uphoqeleke ukuthi abize umdlali weKaizer Chiefs, uMduduzi Shabalala, eqenjini lesizwe elilungiselela ukudlala imidlalo yokuhlunga ebalukile yeNdebe yoMhlaba.
Lokhu kulandela ukulimala kukaRelebohile Mofokeng, ophume ngohlaka ngesikhathi i-Orlando Pirates ibhekene neSiwelele FC emdlalweni weLast 16 yeCarling Knockout ngempelasonto.
UBroos ubengabizanga noyedwa umdlali weChiefs eqenjini lakhe, futhi wakubeka kwacaca ukuthi akayiboni nhlobo into edlalwa yileli qembu laseNaturena, ngesonto eledlule.
“Kulungile, mhlawumbe abantu bazongidinelwa futhi, kodwa bengisemdlalweni weChiefs izolo (ngoLwesithathu) futhi iChiefs ayidlalanga umdlalo omuhle, ngiyaxolisa,” kusho uBroos kwiSABC Sport ngeledlule.
“Yini ithuba? Ngabe ukukhahlelela ipali yithuba lelo?” Kubuza uBroos ngesikhathi etshelwa ukuthi iChiefs yakhe amathuba amaningi ngesikhathi ibhekene naMaZulu FC.
“Mhlawumbe ngihlukile ekuhlaziyeni imidlalo uma ngiqhathaniswa nani,” kuqhuba uBroos.
“Kodwa ngeke ngithi ngibone umdlalo omuhle izolo. Ngifuna ukubona eminye imidlalo lapho bekhombisa khona ukulwa futhi bedlala namaqembu angcono.”
Nokho lo mqeqeshi waseBelgium usekhuluma into ehluke kakhulu njengoba ebize uShabalala ukuthi azovala isikhala sikaMofokeng.
“Ngicabanga ukuthi uma ubuka imidlalo yeChiefs, uMduduzi uhlale edlala,” kusho uBroos
“Wazi kahle ukuthi kumele agijime aye kuphi uma kunesikhala.”
Indlela asekhuluma ngayo uBroos ngoShabalala maningi amathuba okuthi lo mdlali aqale umdlalo ngoLwesihlanu.
IBafana Bafana izobhekana neZimbabwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.
Ngemuva kwalokho uzobe seyitholana phezulu neRwanda ngo-Okthoba 14 eMbombela Stadium.
Le midlalo kumele iyinqobe nakanjani iNingizimu Afrika kulandela ukuphucwa amaphuzu amathathu yiFifa.
IBafana Bafana yadlalisa uTeboho Mokoena enamakhadi aphuzi ibhekene neLesotho ngoMashi, nokuyiyona into eyiqhathe nolaka lweFifa.
ISafa seyikhethe ukulusukumela lolu daba yaludlulisela phambili ngoba ikholwa ukuthi abenzekanga ubulungiswa.

