EzakamuvaIBafana Bafana

UBroos uncoma umqeqeshi wePirates ngokukhula komdlali weBafana

SIHLE NGUBO

Ugezeke ngaphakathi ngo-Oswin Appollis we-Orlando Pirates, umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngaphambi kwemidlalo ye-Africa Cup of Nations (AFCON) eMorocco.

UBroos, odabuka eBelgium, uncoma kakhulu indlela afike wakhuphula ngayo izinga kwiPirates u-Appollis, ngaphansi komqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou.

Lo mdlali usuke kwiPolokwane City wajoyina eZimnyama ekuqaleni kwesizini, kanti ubesevele ebizwa kwiBafana Bafana.

“Ngesikhathi ngimbona edlalela iqembu lakhe elidala, konke okuhle bekukhona kodwa bekuwukuthi uyahlesela nje kuphela,” kusho uBroos.

“Ngicabanga ukuthi u-Oswin (Appollis) ukhulile manje njengoba esadlalela iPirates.

“Ngibona ukuthi umqeqeshi wakhe uyamsiza kakhulu. Ngimbona esebenza njengamanje.

“Usebenza ngokuzikhandla. Uyingozi kakhulu uma ephethe ibhola, ushaya amagoli. Muhle kakhulu ekuphaseni ibhola.”

U-Appollis ungomunye wabadlali abafike kwiBucs bangena khaxa, kwaba sengathi kade baba yingxenye yeqembu.

Usesize ukwakha amagoli amaningi selokhu kuqale isizini, wakwazi ukushaya namanye.

“Usevele waba ngumdlali obaluleke kakhulu kwiPirates, nokumenza abe umdlali obalulekile kwiBafana Bafana emidlalweni yakamuva. Uyawashaya amagoli,” kuchaza uBroos.

“Uhlale eyingozi uma ephethe ibhola futhi uyaselekelela kakhulu uma ibhola lingekho kithina.

“Yize emncane (ngokomzimba) unomdlandla womuntu omude kunaye.”

IBafana Bafana izobhekana neGhana emdlalweni wobungani eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoLwesibili.

Ngemuva kwalokho izobe seyithatha amasakana ayo ilibangisa eMorocco, ukuyolungiselela umdlalo wokuqala we-AFCON ezowudlala ne-Angola.

IGhana ayilubhadi kwi-AFCON yikho kulula kuyona ukuthi izongcweka neBafana Bafana eNingizimu Afrika.

Ngokusho kukaBroos abadlali beBafana Bafana abadlala phesheya bazohlangana nabo eMorocco ngoLwesithathu, ngoba banemidlalo namaqembu abo ngempelasonto.