U-Ellis uphumele obala ngokuduba kukaVan Wyk iBanyana
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesree Ellis, uchaza ukuthi kungani engamdlalisanga uJanine van Wyk ngesikhathi bebhekene neDemocratic Republic of Congo (DRC) emdlalweni wokuhlungela ama-Olympic.
UVan Wyk kwakubhekeke ukuthi afakwe sekusele amenanjana omdlalo kodwa kwagcina kungenzekanga lokho.
Lo mdlali, oseke waba ngukaputeni weBanyana, uvele waduba ngemuva kwalokho, wayishiya ikhempu yeBanyana.
U-Ellis uthe kwakungeyona inhloso yakhe ukuthi angamfaki uVan Wyk kuze kuphele umdlalo.
“Ngangifuna ukwenza ushintsho ngifake uJanine sibhekene neDRC, ukuze afice irekhodi,” kusho u-Ellis.
“Kodwa ngangingenalo iwashi leli elimiswayo uma kunesidingo, ngakho ngangingazi ukuthi kusele isikhathi esingakanani,” kusho u-Ellis ekhuluma neRadio2000.
“Ngesikhathi kushaywa impempe yokuqeda umdlalo ngaya kuyena ngafike ngaxolisa.
“Ngamtshela ukuthi ngizokhuluma nesikhulu esiphezulu ngizame ukuthi sithole umdlalo wobungani ukuze ephule irekhodi.
“Kodwa ke wanquma ukushiya ikhempu ngaphambi kokuthi sidlale umlenze wesibili.
“Ngiyazi uphatheke kabi kodwa okwenzeka kwakungeyona inhloso.
“Sasingathanda ukumnika ithuba lokudlala kodwa futhi sasingeke sibe budedengu ngomphumela.
“Umnyango usavuliwe kuJanine, futhi kumfanele ukwephula irekhodi,” kuchaza u-Ellis.
“Sengikhulumile nesikhulu esiphezulu ngalokhu kodwa angifuni ukukhuluma kakhulu ngendlela enze ngayo ngoba abantu benza izinto ngezindlela ezihlukene.”
UVan Wyk usedlalele iBanyana amahlandla angu-183. Udinga imidlalo emibili kuphela ukuze ephule irekhodi lase-Afrika lemidlalo eminingi (184) kwabesifazane nabesilisa.
Ubebiziwe ngesikhathi iBanyana idlala imidlalo emibili yokuhlunga yama-Olympic neDRC.
Umdlalo wokuqala uphele ngo 1-1 ekuhambeni, kwathi owesibili waphela ngo 2-0 kuleli.
Ukungadlali emlenzeni wokuqala eDRC, kumcikile uVan Wyk washiya ikhempu yeBanyana. Kowesibili e-Orlando Stadium ubevele engasabonwa.
Ukube wadlala kuyo yomibili le midlalo, ngabe kumanje nguye onerekhodi lemidlalo eminingi (185) ebholeni lamazwe ngamazwe e-Afrika.
FUNDA NALA: UScreamer ukhala ngamagama esidlaliso abadlali kuleli
Irekhodi njengamanje libanjwe u-Ahmed Hassan wase-Egypt onemidlalo engu-184 eqenjini lesizwe.