EzakamuvaEzokusubatha

Bazoyikha ngamafosholo abagijimi beComrades Marathon kulokhu

By Sihle Ngubo

Bazohleka bodwa abagijimi beComrades Marathon ka-2023 njengoba kunyuswe imali yemihlomulo nonyaka.

Lokhu kuqinisekiswe yiComrades Marathon Association’s (CMA), ethe yayivele ifuna ukunyusa imali iye endaweni efanele ngaphambi kokuqubuka kweCovid-19.

“I-CMA inentokozo ukumemezela ukuthi nonyaka izokuba ngu-R4.31-million, nokuchaza ukuthi izonyuka ngo-90% ngo-R2.27 million,” kusho isitatimende.

 “Lokhu kusho ukuthi imali izophindwa kabili kowinile isuka ku-R260.000 iya ku-R500 000… 

“Kuzokwenzeka okufanayo endaweni yesibili neyesithathu njengoba imali izosuka ku-R130.000 iya ku-R250.000 (kophume isibili) no-R90.000 kuya ku-R180.000 (kophume isithathu).”

Uma umgijimi owinile, owesilisa noma owesifazane, ephula irekhodi lokwehla likaDavid Gatebe (2016 – 5:18:19) noma likaFrith van der Merwe (1989 – 5:54:43) uzothola isamba sika-R1-million. 

FUNDA NALA: AmaZulu ahlela ukumbopha owahlambalazile, yena uthi azikhale

Ngaphezu kwalokho umgijimi wokuqala odabuka eNingizimu Afrika nowaKwaZulu-Natal, bazothola u-R200.000 no-R60.000.

IComrades Marathon izogijinya ngoJuni 11 kanti izosuka eMgungundlovu iphelele eThekwini.