ISafa

Ichilo ngeholo lomqeqeshi waMajita kwiSafa

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi weqembu lesizwe le-Under 20, uRaymond Mdaka, uhola imali engaphansi kuka-R25 000 futhi inkontileka yakhe eyonyaka owodwa kuphela neSafa.

Lokhu kuqinisekiswe uWalter Steenbok, owayeyiTechnical Director yeSafa, ngesikhathi ekhuluma no-Andile Ncube ohlelweni lwakhe.

Kuvela lokhu nje uNamhla Mphelo, obengumxhumanisi weSafa nabezindaba, usanda kuveza ukuthi ubehola u-R16 400 kule nhlangano yebhola asebenze kuyona iminyaka engu-11.

Le ntokazi ichithwe yiSafa ngenyanga edlule ngezinsolo zokuthi yafaka kuWhatsapp Group ethile ukuthi kukhona imali engu-R10 million eyadliwa umengameli weSafa, uDanny Jordan.

UMphelo yinto ayiphikayo leyo futhi indaba yokuxoshwa kwakhe useyidlulisele eCCMA.

Amajita, okuyisiteketiso seqembu lakuleli lika-Under 20, asanda kwenza isizwe siziqhenye ngokubuya nendebe ye-Africa Cup of Nations (AFCON) e-Egypt kulona leli sonto.

Leli qembu elicijwa uMdaka lishaye iMorocco ngo 1-0 kowamanqamu we-Afcon. Ngaphambi kwalokho lishaye iNigeria kowandulela owamanqamu.

Ukuvela kokuthi umqeqeshi ocija abafana ezingeni elibaluleke kangaka, uhola amakinati, kuyinto eshiya imibuzo eminingi ngeSafa.

“Umqeqeshi uRaymond Mdaka akaholi imali engaphezulu kuka-R25 000 futhi inkontileka yakhe iwunyaka owodwa,” kusho uSteenbok ekhuluma ohlelweni iSports Night Amplified no-Andile Ncube.

“Silwe iminyaka emibili ukuze sitholele uRaymond Mdaka inkontileka. Ungamfonela umqeqeshi uMdaka umbuze.

“Engizama ukukusho ukuthi ukungahlonishwa kwabantu bethu abanolwazi nokungazihloniphi thina, yinto engakholeki.

“Asibahloniphi abantu abamnyama abenza kahle. Asibahloniphi abantu abamnyama abanolwazi.

“Lokhu kuvulelekile futhi ngingakunika ubufakazi. Buningi ubufakazi engibugcina sonke isikhathi.”

Lokhu kuphinde kushiye imibuzo yokuthi ngabe laba bafana bazoyithola yini imali yabo ngemuva kokunqoba i-Afcon.

Kuke kwavela imibiko yokuthi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uhola imali elinganiselwa ku-R1.5 million ngenyanga.

Uma lokhu kuyiqiniso kuyobe kuyinhlamba enkulu nechilo kuMdaka, osebenza kanzima ukucija abafana abayikusasa leBafana.