EzakamuvaIBetway Premiership

IBay ibophezele ogaqelwe yiChiefs neBucs ngeminyaka emihlanu

SIHLE NGUBO

Umdlali weRichards Bay FC, uYanela Mbuthuma, obekulokhu kuvela ukuthi ugaqelwe yizinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uzibophezele iminyaka emihlanu neqembu laseMhlathuze.

INatal Rich Boyz iqinisekise ukuthi kunabadlali bayo abazohlala kuyona kuze kube u-2030 njengoba bevuselele izinkontileka.

Akuvamile ukuthi abadlali basayine izinkontileka zeminyaka engaka eNingizimu Afrika, ikakhulukazi namaqembu athathwa njengamancane kwiBetway Premiership.

UMbuthuma uneminyaka engu-23 futhi alikho elinye iqembu elidlala esigabeni esiphezulu aseke walidlalela empilweni yakhe, ngaphandle kweBay.

Sekuke kwavela ukuthi lo mdlali ugaqelwe yiChiefs nePirates ngoba uyawashaya amagoli uma bethola ithuba.

Nokho kubukeka sengathi uJomo Biyela, ongusihlalo weNatal Rich Boyz, uyazishaya izibalo futhi ufuna ukuqinisekisa ukuthi ofuna abadlali bakhe kumele ashaye iphakethe.

Abanye abadlali abavuleselele izinkontileka ngeminyaka emihlanu uThulani Gumede, uWandile Ngema, uThabiso Ndelu noNtlonelo Bomelo, ngokwesitatimende esithunyelwe yiBay.

Leli qembu laseMhlathuze lizibekisele indawo kwiMTN8 ngokuqeda endaweni yesishiyagalombili kwilogi yePremieship.

Lokhu kuchaza ukuthi iNatal Rich Boyz izobhekana nompetha beligi iMamelodi Sundowns kowe-quarterfinal yeMTN8, ekuqaleni kwesizini ezayo.

IBay iqinisekise ukuthi abaqeqeshi abathathu, uRonnie Gabriel, uPapi Zothwane noSiboniso Gumede, yibona abazoqhubeka nokucija iqembu ngesizini ezayo.

UBiyela usanda kuveza ukuthi bazokwethula abadlali abasha asebevele basayinile, ngesikhathi ekhuluma noKhozi FM.