Sekukuyo iMan City ukuthi iyasithatha noma iyasiyeka isicoco
SIHLE NDLOVU
IManchester City iyona esiphethe ukhiye wokuvula indlu lapho kubekwe khona indebe ye-English Premier League (EPL), bese iyayithatha iyiphakamisele phezulu.
ICitizens izibeke ebuhleni ngokunqoba ngo 2-0 kwiTottenham Hotspur, eTottenham Stadium, ngoLwesibili ebusuku.
Ukunqoba kwiMan City kuchaza ukuthi iyona esiqhwakele kwilogi ye-EPL ngamaphuzu angu-88.
Leli qembu selidinga ukunqoba umdlalo wokugcina elizowudlala neWest Ham, bese liqukula indebe ye-EPL okwesine kulandelana.
I-West Ham abazodlala nayo ayilona iqembu elivuma ukushaywa kalula.
Ikukhombisile lokho kule sizini, nokufakazelwa ukuthi isendaweni yesishiyagalolunye kwilogi.
Nokho kuzoba nzima ukuvimba iCitizens ezoya emdlalweni seyazi ukuthi kumele ihlohle amagoli, bese ibe ngompetha base-England.
I-Arsenal esendaweni yesibili izinto azisekho ezandleni zayo njengoba inamaphuzu angu-86.
Leli qembu lizobhekana ne-Everton emdlalweni wokugcina ngeSonto. Lowo mdlalo kumele liwunqobe bese lithembe ukuthi okungasenani iCitizens idlala ngokulingana neHammers.
Okungalindeleka ngeSonto ukuthi kubonakale inqwaba yamagoli njengoba kuzosongwa isizini.
FUNDA NALA: Izinsolo ‘zokumakethana’ kubadlali be-Orlando Pirates
Kukhona namaqembu afana neChelsea, Tottenham Hotspur, Newcastle United asalwela ukuqeda kwiTop 6 ukuze adlale emiqhudelwaneni yase-Europe ngesizini ezayo.