UChaine income unompempe ngenzinqumo ezinhle koweMTN8
ALFRED NGUBANE
Unozinti we-Orlando Pirates, uSipho Chaine, usengundabamlonyeni ngemuva kokuba ngumdlali ovelele emdlalweni wamanqamu weMTN8 bebhekene neMamelodi Sundowns. Kodwa-ke, ngaphambi komdlalo, ababaningi abalandeli bePirates abebezigqaja ngalo mdlali oneminyaka engu-26.
Nokho abebemgabaza ubaphendule ngendlela egqame kakhulu ngokuvimba amaphenathi amathathu njengoba iPirates igcine isivikelile isicoco sayo.
Uphinde wavimba namabhola amaningi abeyingozi abethunyelwa yiSundowns ikakhulukazi elikakaputeni wayo uThemba Zwane umdlalo usaqala.
“Sizama ngayo yonke indlela ukudlala ngendlela umqeqeshi afuna sidlale ngayo.
“Kuyindlela eyingozi yokwenza izinto kodwa ngicabanga ukuthi iyasisebenzela,” kusho uChaine ngemuva komdlalo wamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Kufanele ukholelwe ekhonweni lakho nalokho ofuna ukukufeza. Kwesinye isikhathi akulula kodwa kukwenza umuntu ongcono.
“Ukuvimba (ebhekene noZwane) esiwombeni sokuqala kuqinise ukuzethemba. Unozinti ubaluleke kakhulu ukugcina iqembu emdlalweni uma kunzima ngempela.
“Bekuwumdlalo ongaya noma ngaphi futhi igoli elilodwa belingawunqoba. Ngiyajabula ukuthi ngikwazile ukulihlenga iqembu.
“Kungenze ngaba nokuzethemba okwengeziwe kumaphenathi. Ngiyingxenye ye-Orlando Pirates futhi ngiyajabula ukuthi ngikwazile ukusiza iqembu namuhla kungakhathaliseki ukuthi kwenzekeni esikhathini esedlule.”
UChaine uphinde wacacisa nokwenzeke ngesikhathi ecishe epha iSundowns iphenathi kulandela ukukhahlela kwakhe uLebohang Maboe ngaphakathi ebhokisini lakhe.
“Ngiyazi ukuthi kuningi abadlula kukho kodwa nathi kufanele sibonge onompempe uma benomdlalo omuhle njengoba benzile nje namuhla,” usho kanje.
“Kube yisinqumo esihle… Ngesikhathi ngiyozama ukuvimba ibhola, kukhona ongisunduzile okuyinto ekubonile (unompempe u-Abongile Tom).
“Bekungeke kube lula kuye ukubona ukube ubengaqaphelile ngokufanele.”
FUNDA NALA: Nakhu okuhlaluke kowamanqamu kwiMTN8 iPirates ibhaxa iDowns
UDeon Hotto, uLesedi Kapinga noKarim Kimvuidi bawavalele phakathi amaphenathi abo kwathi uChaine, oqokwe njengomdlali ovelele wavimba awoBongani Zungu, Junior Mendieta noTeboho Mokoena.