IChiefs isiphinde yachitha omunye umdlali
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs seyiphinde yadedela omunye umdlali njengoba izama ukulungiselela isizini entsha ka-2025/2026.
Amakhosi aqinisekise ukuthi asehlukene no-Edmilson Dowe ongumdlali wasemuva kwesokunxele.
Lo mdlali ongowokudabuka eMozambique uthole ithuba lokudlala sekuzophela isizini ngenxa yokulimala.
Akukapheli namasonto amangakhi iChiefs iveze ukuthi ngeke isayivuselela inkontileka kaRanga Chivaviro ephelayo ekupheleni kukaJuni.
Ngaphambi kwalokho leli qembu laseNaturena lichithe uSabelo Radebe laphinde ladedela noNjabulo Blom ophindele kwiSt Louis City yase-USA.
Ngaphambi kokujoyina iChiefs uDove ubedlalela iCape Town City kusukela ngo-2017 kuya ku-2022.
IChiefs izama ukusayinisa abadlali abasha futhi isivele imataniswa noThabiso Monyane noPaseka Mako abadedelwe yi-Orlando Pirates.
Omunye umdlali weBucs omataniswa neChiefs uMonnapule Saleng okuphele isizini engasabonwa nangokhalo kweZimnyama ngoba kubangwa iholo lakhe.
Kulindeleke ukuthi iChiefs iqhubeke idedele abanye abadlali ukuze ivule izikhala nabadlali.

