Kucaciswa ngoFiston Mayele nokuza kwiChiefs noma iDowns
SIHLE NGUBO
Mancane amathuba okuthi uFiston Mayele wePyramids SC yase-Egypt, agcine edlalela elinye lamaqembu ePremier Soccer League (PSL) eNingizimu Afrika.
Lo mdlali ungomunye walabo abasematheni kakhulu selokhu egile izimanga nePyramids, anqobe nayo iCaf Champions League.
UMayele ubevele emataniswa neKaizer Chiefs ngaphambi kokuthi ashaye into ecokeme iqembu lakhe liwashisa ijezi i-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu weCAF Champions League.
Emlenzeni wesibili uMayele ushaye amagoli amabili aqinisekise ukuthi iBucs ishaywa ngo 3-2, kwaphela kanjalo ngeZimnyama nephupho lokudlala owamanqamu weChampions League.
UMayele uphinde washaya igoli kowamanqamu weChampions League ngesikhathi beshaya iSundowns ngo 3-2 sekuhlanganiswe amagoli emilenze yomibili.
Emlenzeni wokuqala umdlalo wawuphele ngo 1-1 eLoftus Stadium ePitoli, kwathi e-30 June Stadium, eCairo iPyramids yanqoba ngo 2-1.
Nakanjani ukudlala kahle kukaMayele kwiChampions League kwenze wabukeka esezobiza kakhulu emaqenjini abemfuna.
Muva nje bese kusabalale ukuthi usesayine kwiSundowns ngo-R45 million kodwa umnewabo uChristian Bukasa uyakuphika lokho.
“Ngeke eze ngisho kwiMamelodi Sundowns leyo ngoba into yePSL sesidlulile nje kuyona,” kusho uBukasa kwi-Instagram.
“Njengamanje udinga ukwenza imali futhi uzoya eSaudi Arabia lapho iholo lakhe lizophindwa kathathu, engakabalwa amanye amabhonasi. Sikhuluma ngemali yangempela.”
ESaudi Arabia kuyaziwa ukuthi abadlali bayikha ngamafosholo imali, ngakho akumangazi ukuthi uMayele ubheke khona.

