AmaProteas

AmaProteas aqophe umlando ebhaxa i-Australia kowamanqamu

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika iqophe umlando inqoba indebe kwikhilikithi ishaya izimbangi ezindala i-Australia ngamawikhethi amahlanu kwi-World Cricket Test, eLord’s e-England, ngoMgqibelo.

AmaProteas abelokhu eqhuzuka emidlalweni emikhulu, uma ibhekene ne-Australia, kodwa kulokhu asishalile isipikili.

U-Aiden Markram ushaye ama-run angu-136 kwathi ukaputeni uTemba Bavuma wenza angu-66.

Umshwibi wamaProteas uKagiso Rabada uphume namawikhethi ayisishiyagalolunye kulo mdlalo.

Ukunqoba kweqembu lesizwe lakuleli kusho ukuthi liyaqala ukunqoba indebe enkulu kangaka, selokhu iNingizimu Afrika yabuyiselwa emidlalweni yoMhlaba ngo-1992.

UBavuma ukaputeni wokuqala ukwenza lokho. UBavuma udlale exhuga isikhathi eside kodwa wangahlehla.

Ngaphandle kukaRabada kubashwibi kodwa noLungi Ngidi ube negalelo ekhulumayo.

Bekubukeka kungekuhle ngemuva kokuthi iNingizimu Afrika yenze 138 yaphuma yonke kwi-innings yokuqala.

Kodwa bavele bashwiba into emangeze wonke umuntu oRabada, uNgidi, uWiaan Mulder nomuntu omude uMarco Jansen.

Kukho konke lokhu kusho ukuthi iNingizimu Afrika noBavuma benze umlando omusha.

Impempe iyawabongela amaProteas. Ithi nje, ningabethu nina.