EzakamuvaIbhola

Kusolwa inkohlakalo ‘kuxhoshwa’ umdlali obebizwe kwiBeach Bafana

Ushaywe ngemfe iphindiwe umdlali osemncane, uSfundo Mdladla, obefakwe esikwatini seqembu lesizwe, iBeach Bafana, ebesidlala iCosafa Beach Soccer. 

USfundo Mdladla, oneminyaka engu-17, ubefakiwe esikwatini esimenyezelwe umqeqeshi uFani Shange ngoMashi 16. 

Nokho lo mdlali akabange esatshelwa ukuthi iqembu lizohlangana nini wagcina engekho kodwa ebe ekhona ohlwini lwabadlali abebesikwatini.

“Uma ubheka ekhasini (leSafa) umdlali ubekhona esikwatini kodwa ubengekho (ngesikhathi semidlalo). 

“Wagcina ngokukhethwa esikwatini kodwa akabange esatshelwa ukuthi kuyiwa nini ekhephini,” kusho umthombo ohlebele Impempe.

Imidlalo yeBeach Soccer isongwe ngoMgqibelo eThekwini kanti kuwine iMorroco.

INingizimu Afrika ayilibonanga elidlalayo njengoba iphume emidlalweni yamaqoqo kulandela ukuwina umdlalo owodwa kuphela.

Imizamo yeMpempe yokuthola uSfundo Mdladla ukuthi aphawule ngokuthi kwenzekeni ayiphumelelanga. 

Kuyasolakala nokho ukuthi kukhona umdlali oshuthekwe endaweni yalo mdlali nokungasho ukuthi ubedlala ngegama lakhe kule midlalo.

Usihlalo weSafa KwaZulu-Natal, uKwenzakwakhe Ngwenya, uthe bazolulandelela lolu daba, bathole ukuthi kwenzekeni.

“Yinto engeyinhle leyo, kusuke kuwukuganga nje komuntu osuke enikwe lowo msebenzi. 

“Thina siyaye siyekele abantu esisuke sibajubile ukuthi benze lowo msebenzi wokubheka abadlali – okungabaqeqeshi nezimenenja,” kusho uNgwenya.

“Ngebhadi okunye asikwazi sikuzwa sekuqhamuka kanje. Kodwa njengoba sengishilo sizolulandelela udaba…”

Eqoqweni leBafana Beach bekukhona iMalawi, yiSaudi Arabia neSeychelles. Nokho kucacile ukuthi iqembu lakuleli kusamele libhukule kwiBeach Soccer.

Isikwati seBeach Bafana besimi kanje: Lamulani Gift Shange, Nduduzo Msane, Lowell Kinsey, Siyabonga Mkhize, Xolani Hlela, Abongile Gcuda, Prince Gumede, Khethukuthula Sizwe Mkhize, Sphephelo Cele, Kwazi Bhengu, Sfundo Mdladla, Ntuthuko Mbutho, Darron Ja Fish and Ernest Skhalo Mahlaba.